OMUNYE wabaqeqeshi abadlule esandleni sikaJoel “The Horse” Faya esikhungweni saMaZulu FC sabadlali abasakhuliswa ngenkathi esengumdlali, uphonse inselelo ezikhulwini zikahulumeni waKwaZulu-Natal, wathi zingazikhohlwa ezemidlalo ezinhlelweni zentuthuko.
UMafa Zuma, omunye wabadlali abaqeqeshwa nguFaya esikhungweni saMaZulu eminyakeni edlule, manje osengumqeqeshi esigabeni seSafa ABC Motsepe League, ubekhuluma enkonzweni yesikhumbuzo ngoFaya ngoLwesine ntambama eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
UFaya (65) owazakhela igama kuMaZulu ngeminyaka yo-1970 kuya ko-80, udlule emhlabeni ngoLwesihlanu olwedlule. Uzongcwatshwa namuhla eHeroes Acre, eRed Hill, ngemuva kwenkonzo yomngcwabo ezoba ngo-9 ekuseni KwaMashu Christian Centre.
“Thina njengabantu abasebholeni, abaphila ngalo siyafisa ukuthi abaholi bethu bezombusazwe njengoba bekhankasela ukhetho oluzayo, ezinhlelweni abanazo bangazishiyi ngaphandle ezemidlalo ngoba zibaluleke kakhulu.
“Ezemidlalo zibambe elikhulu iqhaza emphakathini, ekuqoqeni intsha ingabi wuvanzi ngoba ukubamba iqhaza kwentsha kunciphisa nezinga lobugebengu nokudliwa kwezidakamizwa,” kusho uZuma, ongumqeqeshi weDlangezwa Hellenic edlala kwiSafa KZN ABC Motsepe League.
Uqhube wkhuluma ngobunzima obubhkene nanaqeqeshi wathi: “Ngiyacabanga nje uma kungathiwa ngelinye ilanga kwakhiwa isikhungo sebhola esibizwa ngeJoel Faya Academy, ngenza isibonelo, kunabantu, ikakhulu abaqeqeshi, abangakwazi ukuthola ithuba lokuthola isinkwa.
“Yingakho-ke simnxusa uhulumeni waKwaZulu-Natal ukuthi azithathe njengezibalulekile ezemidlalo ezinhlelweni anazo zokuthuthukisa imiphakathi.”
UZuma ubephakathi kwabadlali abadlule esandleni sikaFaya esikhungweni saMaZulu, okubalwa uNjabulo “Mvonqo” Manqana, owagcina ezakhe igama kwiLamontville Golden Arrows, waphinda wadlala nakuwo AmaZulu.
UMuzi “Mr House” Khumalo, omunye wezinkakha ezadlala noFaya kuMaZulu ngeminyaka yo-80, umchaze njengomdlali owayezikhulumela.
“Ngidlale noJoel kusukela ngo-1983 kuya ku-1992. UJoe wayengathuli, wayekhuluma njalo nje. Wayengasweli into azoyikhuluma (esho sakuncokola). Njengoba nazi-ke nani ukuthi ngesikhathi sethu yayingekho imali. Ngakho-ke kwesinye isikhathi sasike singaholi.
Ngoba-ke mina nganginguthisha, uJoel wayethi ngoba wena unguthisha uyahola noma ungangahola (eqenjini) akunandaba, yithina abantu okumele sihole,” kusho uKhumalo.
Phakathi kwezinkakha zebhola ebezizimazise inkonzo yesikhumbuzo, kubalwa uMafa “Ace” Nduli, Ronald “Cutter” Langa, Vuma Mfeka, Patson “Sparks” Banda, Siyabonga “Bhele” Nomvethe, ukubala ezimbalwa.