UKUSUKA komsindo phakathi kwabagcotshwa bakaMnuz Maduduzi “Nyazilwezulu” Shembe namakhosi esizwe, ngendaba yokususwa kwesethenjwa salo mholi esikhundleni, sekwenze iNkosi Mqoqi Ngcobo yathatha isinqumo sokuthi ingabi yingxenye yemihlangano yebandla.
Lokhu kwenzeka emva kokuthi abanye babagcotshwa besole amakhosi esizwe ukuthi asabise uNyazi alusayinisa ukuthi lugudluze esinye sezethenjwa zalo, uMnuz Lizwi Ncwane ukuba ngumeluleki wabameli bebandla.
UNcwane kuthiwa ugudluzwe emva kwezinsolo zokuthi uNyazi lukhale ngezigidi zalo zamarandi okuthiwa ziphelele kuyena. Esikhundleni sakhe kungene ummeli, uMnuz Mbongeni Myeni, okuthiwa wuyena osesingethe zonke izindaba zebandla ezithinta ezomthetho.
INkosi yamaQadi namanye amakhosi basolwe ngabanye babagcotshwa ngokuthi yibona abaphoqa uNyazilwezulu ukuthi lushintshe uNcwane kwafakwa uMyeni. Kuze kwaphuma nohlu lwamagama amakhosi, okuthiwa kawasafuneki eBuhleni futhi angangeni khona. Phakathi kwawo kukhona iNkosi yamaQadi phezulu, okuyiyona okuthiwa isolwa kakhulu ngesigameko, okugcine kuvelile ukuthi kasilona iqiniso.Kuthintwa iNkosi yamaQadi ithe:
“Uma uzokhuluma ngezindaba zamaNazaretha, ngicela ukungaphawuli ngazo. Kumanje angiyihambi ngisho imihlangano yebandla ngoba ngisazama ukupholisa ikhanda. Sengiya enkonzweni nje bese ngiyabuya ngizophumula ekhaya. Angikubalekeli Thokozani (ebiza igama lentatheli) kodwa ngicela ukuthi uthinte uMncwabe ongumkhulumeli webandla. Uzokuchazela konke. Umazise naye ukuthi yimina okuthumele kuyena aphendule ngokukhululeka.”
Umthombo waleli phephandaba uveze ukuthi kunomhlangano obubizwe ngamakhosi ngoLwesibili ukuzocacisela abagcotshwa ngokwenzekayo.
“Lowo mhlangano awubanga yimpumelelo. Okwadala lokho wukuthi iningi labagcotshwa kalifunanga ukuza ngoba lisaba ukuthi kuzovela amaqiniso njengoba kukhona asebeqambe amanga ngokushintshwa kukaNcwane wuNyazi. Manje kusahlongozwa ukuthi kubizwe omunye umhlangano, ukuze kuxazululwe lesi simo,” kusho umthombo.
Okhulumela uNyazilwezulu, uMnuz Thokozani Mncwabe uthe ubekhona umhlangano ngoLwesibili kodwa ngeke akwazi ukuveza imininingwane ngawo.
“Engingakusho nje ukweluleka amaNazaretha ukuthi awahlukane namanga. Sekuyacaca manje ukuthi iningi labantu ababuthathanga ubuNazaretha obuthi kumele uhlale umi eqinisweni, kodwa ayeze ngezinkinga zawo, agcina engaphendukanga,” kusho uMncwabe.
Uthe nesidingo sokubuka kabi iNkosi yamaQadi kasikho ngoba iyaluhlonipha kakhulu uNyazilwezulu futhi ngeke yenze okuphambene nalo. Uthe amakhosi abalulekile ebandleni, ucela ingahlukunyezwa njengoba kwenzeka. Nabagcotshwa uthe uma beshumayela mabayeke ukukhuluma izindaba zebandla kodwa bakhulume ngezwi leNkosi.