KUSE ngokunye kuNgizwe Mchunu ngesikhathi esethola incwadi enkampanini, i-FlySafair, ebimdonsa ngendlebe ukuba angaphinde awubeke owakhe umcondo emabhanoyini elingaphansi kwale nkampani.
UNgizwe ukuqinisekisile ukuthi le nkampani imthumelele incwadi ebimazisa ngayo ukuthi ayisamdingi kunoma yiliphi ibhanoyi lakwa-FlySafair emuva kodlambedlu alisuse kwelinye lamabhanoyi ale nkampani.
UNgizwe ubonakale kwi-video esabalele ezinkundleni zokuxhumana, ehubisa futhi ekhuzisa izaga ayebuya nabo emcimbini wamabhinca owawuseNyuvesi iCape Peninsula, eCape Town.
Ekhuluma esithangamini sabezindaba, uNgizwe uthe akazisoli ngabakwenza endizeni ngoba babekhothamela iSilo saKwaDukuza, uShaka kaSenzangakhona njengoba isikhumulo siqanjwe ngaye.
"Ngakho uFlySafair loyo ongidakelwayo, ongibhalela incwadi ethi ngiyamiswa mina, ngeke ngiphinde ngigibele ibhanoyi lawo. Ngicela ukubanikeza izinsuku eziyisikhombisa zokuba baxolise kimi njengomengameli wesizwe samabhinca nasesizweni samaZulu jikelele. Ukuthi ithe indiza seyimile, seyihleli phansi ngesikhathi sokuthathwa kwezikhwama, sasukuma, sakhuza izaga. Sakhuza uBayede, sacula iculo elithi Bayede Nkosi, weNkonyane kaNdaba, kwanyakaza imikhonto."
Uthe umthandazo wamaZulu okufanele wenziwe, ngisho nangezinye izizwe ziyakhothama uma zifika esikhumulweni. "Alikho nelilodwa icala esalenza. Uma kunomthetho esawuphula, asiboshwanga ngani pho ngoba akuxoxiswanwa ngawo?" UNgizwe uthe kunensizwa eyaze yathi icala labo ubumnyama.
Uthe abaphathi bala mabhanoyi abahambe eNingizimu Afrika futhi bengaphinde bagibelise umuntu omnyama.
"Uma nifuna ukubona ulaka lwethu ngeke nithande...Ngizobamba umhlangano nenhloko ye-FlySafair. Awukho lodoti eniwukhulumayo. Nibhala izincwadi ezibolile. Nibhala ama-email abolile. Nidakiwe zinja!" kubhoka ngolaka uNgizwe.