INDODANA yomholi webandla lamaJericho, isiqokelwe ekutheni ingene ezicathulweni zikayise ongasekho emhlabeni.
USabelo Mhlaba (24) uqokelwe ukuba ahole igatsha laleli bandla eliseNgonyameni ebeliholwa nguyise, uMfu Samuel Mhlaba ngaphambilini.
UMhlaba owayaziwa ngesiphiwo sakhe sokuphulukisa abagulayo usanda kudlula emhlabeni.
Waduma kakhulu ngesikhathi kuvela ukuthi uyena owayelapha uZodwa Wabantu.
Indodana yakhe ithe izimisele ngokuthi iqhubeke nokuhola leli bandla ngobuqotho njengoba noyise ayekade enza ngaphambilini.
Ithe ayifuni ukuthi yenze into uyise angeke aze ayithande nalapho ekhona.
Ichaze uyise njengomuntu obemazisa kakhulu uNkulunkulu futhi ewuqhakambisa nomkhuleko.
"Ngizimisele ngokuthi ngihambe ezinyathelweni zikababa ongizalayo ngokuhola kahle ibandla kanjalo nangendlela yokuziphatha. Angifuni ukuthi ngenze izinto ubaba ayengeke aze azithande ukuba ubesadla anhlamvana,'' usho kanje.
Ithe okuseqhulwini kuyona ukuqinisekisa ukuthi ibandla libonakala likhula liba nenqubekela phambili ngaso sonke isikhathi.
Okunye okumqoka kakhulu njengamanje uthe ukwenza isiqiniseko sokuthi konke kubonakala kuhamba kahle ebandleni, kungabi khona ugcobho wokuthi ibandla seliholwa wuyena ekubeni esemncane ngokweminyaka.
"Kukhona konke engikwenzayo ngithemba uNkulunkulu ukuthi uzoba nami kanjalo nomoya wakhe ubaba lapho ekhona,'' echaza.
Uthe ubunye nokusebenzisana phakathi kwamalungu aleli bandla yikhona okuwumgogodla wokuphumelela kwebandla anikezwe umsebenzi wokuba alihole.
Ukuvezile ukuthi yena ungena kulesi sigqiki njengebamba. Wathi kuyothi uma umfowabo omncane esekhule ngokwanele bese kuba nguyena ongenayo ekuholeni ibandla njengoba uyise wayefisile esadla anhlamvana.