KUZOKONGEZWA elinye icala lokudlwengula abe ngu-19 kowesilisa osolwa ngokunukubeza abesifazane elokishni eMlaza, eThekwini.
UKhethani Khuboni (31) uvele okwesibili eNkantolo yeMantshi yaseMlaza. Bekulindeleke ukuthi afake isicelo sebheyili kodwa kwahlehliselwa uSepthemba 19.
Isolezwe lihoshe ukuthi uKhuboni uzophinde athweswe amacala amabili okuphanga amaselula abagilwa okusolakala ukuthi wakwenza eseqede ukubadlwengula.
Izolo, enkantolo uKhuboni ulumane indlebe nommeli weLegal Aid obe esetshela inkantolo abebekhuluma ngakho.
UKhuboni ukhale ngokuthi kukhona umuntu osebenzisa umakhalekhukhwini wakhe njengoba yena egqunywe ezitokisini.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngesikhathi eboshwa entathakusa ngoLwesbili lwangesonto eledlule, amaphoyisa ashaqa neselula yakhe.
Leyo selula isiyizibithi, kusolakala ukuthi iyingxenye yophenyo lwamaphoyisa.
UKhuboni ufake isicelo sokuthi alethele inkantolo ubufakazi akholelwa wukuthi bungase bumkhiphe phambili kodwa inkantolo ithe iyosilalela isicelo sakhe uma esefaka isicelo sebheyili emasontweni amabili ezayo.
Lo wesilisa ubekade egqoke izimpahla ezifanayo neyayikade ezigqoke ngesonto eledlule ivela enkantolo.
Umsolwa ubebukeka ezikhululekele ngesikhathi efaswe umlenze owodwa wakwesokunxele ngozankosi wahlanganiswa nowesokudla ungomunye umsolwa obeze kwelinye icala kule nkantolo.
Okuqaphelekile ukuthi ubekade engekho enkantolo owesifazane okuthiwa uthandana noKhuboni owayekhona ngesonto eledlule.
Lo wesifazane kusolakala ukuthi wayengazi ukuthi uKhuboni umshiya endlini ayogila imigilingwane abuye ahlale naye kube ngathi akwenzekanga lutho.
Lamuzwa Isolezwe ethi ufuna ukubuyela emakhaya ngoba ayikho into asazoyihlalela endlini esehostela okwaboshelwa khona uKhuboni.
Phambilini, kuvele ukuthi uKhuboni unezingane ezimbili futhi ushadelwe, inkosikazi yakhe isemakhaya eXobho.
UMbuso uthi icala lokuqala lenzeka ngoDisemba 11, 2021. Usola uKhuboni ngokudlwengula abesifazane ababili ngosuku olulodwa ngoDisemba ngonyaka odlule.
UKhuboni usolwa ngokudlwengula abesifazane abathathu ngenyanga edlule kanti kuthiwa wadlwengula oyedwa ngenyanga efanayo ngonyaka odlule.