UMGADLI osemnkantshubomvu wePortugal, uCristiano Ronaldo, akakayicabangi eyokugaxa amakhokho emgibeni eqenjini lesizwe njengoba esesikwatini sePortugal eliyibambe kwi-Uefa Nations League kuleli sonto lekhalenda yeFifa.
URonaldo (39) okunguyena mdlali omdala kunabo bonke njengamanje abasayibambile kwiPortugal, kubhekwe amava uma sebedlala neScotland koweNations League kuLeague A Group 1 kusasa ngo-8.45 ebusuku, e-Estadio do Sport Lisbon eBenfica, eLisbon.
Lo mqhudelwano owakhangulwa yiPortugal iwunqoba ngo-2018, udlalelwa ngamaqembu esizwe ase-Europe kuphela ngesikhathi sekhalenda yeFifa evame ukuba nemidlalo yobungani.
URonaldo osephule inqwaba yamarekhodi ebholeni lomhlaba, bekubhekeke ukuba naye alandele ezinyathelweni zikazakwabo uKepler Laveran de Lima Ferreira, owaziwa ngelikaPepe, othathe isinqumo sokugaxa amakhokho emgibeni eqenjini lesizwe lasePortugal ngemuva komqhudelwano we-Uefa Euro Championship ngoJulayi, eGermany.
URonaldo azizange zimhambele kahle izinto kwi-Euro bephikwa amagoli. Bagcina bephume kuma-quarterfinals.
Ngemuva kokusabalala kwemibiko yokuthi uRonaldo naye usecabanga ukuthi khumu ebholeni lomhlaba, ube eseziphendula ethi ngamampunge lawo njengoba kusavutha umlilo esiswini sakhe.
“Ngabezindaba abasho njalo. Mina nje akukangifikeli ukuyeka ukudlala eqenjini lami lesizwe lasePortugal.
Ngizimisele ukunqoba iNations League neqembu lami lesizwe. Sesike sayinqoba kanye, sifuna ukuphinda siyinqobe futhi,” kusho uRonaldo, ecashunwa yi-Al Jazeera.
Ngemuva kwe-Euro, uRonaldo wagxekwa ngabezindaba base-Europe ngokwehluleka kwakhe ukushaya igoli kulo mqhudelwano kangangokuthi base bethi sesifikile isikhathi sokuthi athi khumu ebholeni lomhlaba.
“Emqondweni wami ngiyohlala ngizitshela ukuthi kufanele ngibe sesikimini esiqala umdlalo, kuze kufike isikhathi sokuthi ngiliyeke ibhola. Indlela engizizwa ngayo njengamanje emzimbeni wami, nengikutshelwa ngumqeqeshi (uRoberto Martinez oqeqesha iPortugal), kusho ukuthi ngisabalulekile eqenjini lesizwe.
Uma sengibona ukuthi amagalelo ami awasathi shu, ngiyoba ngowokuqala ukuyeka. Ngeke kube yisinqumo esinzima kimi ukwenza lokho.”
Ngeledlule, lo mgadli oke wayibamba nakwiReal Madrid yaseSpain, uthole umklomelo oyisipesheli kwabe-UEFA, bemhlonipha ngokwephula kwakhe amarekhodi ebholeni elikhokhelayo emhlabeni.
Lo mgadli nguyena osaphethe irekhodi lokushaya amagoli angu-140 kwi-Uefa Champions League emidlalweni engu-183 ayidlala kulo mqhudelwano egijima emaqenjini ehlukene okubalwa kuwona iManchester United, Madrid neJuventus.
Njengamanje uRonaldo udlala kwi-Al Nassir yaseSaudi Arabia nokuyilapho esaqhubeka khona nokuqhulula amagoli, njengoba ngesizini edlule eqhulule angu-44.
Kule sizini ka-2024/25 esanda kuqala, useshaye amane, okungamabili kweyeligi namabili kwiSaudi Super Cup okungumqhudelwano womkhumulajezi.
Imidlalo ye-Uefa Nations League ngeSonto:
Ngo-3pm: Luxembourg v Belarus
Ngo-6pm: Bulgaria v Northern Ireland; Denmark v Serbia; Slovakia v Azerbaijan; Gibraltar v Liechtenstein
Ngo-8.45pm: Portugal v Scotland; Swirtzerland v Spain; Sweden v Estonia; Crotia v Poland