IPHINI lomqeqeshi weKaizer Chiefs, uKhalil Ben Youssef, usale ekhala ngokwenzelwa phansi yizinqumo zikanompempe ngesikhathi behlulwa yiLamontville Golden Arrows emdlalweni weBetway Premiership eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngempelasonto edlule.
UBen Youssef nguyena obekhuluma nabezindaba ngemuva komdlalo kulandela ukuthola ikhadi elibomvu ngemva kokuphela komdlalo kukazakwabo oyinhloko yabaqeqeshi, uNasreddine Nabi, obethukuthele egane unwabu ngezinqumo zikanompempe U-Olani Kwinda.
Echazela izintatheli ngesizathu sokuthola ikhadi elibomvu kukazakwabo, uBen Youssef uveze ukuthi uNabi ubekhala ngokuthalalisa kukanompempe ngenkathi abe-Arrows besebenzisa amasu okuchitha isikhathi ngamabomu.
Uthe bona njengethimba labaqeqeshi beChiefs babone abe-Arrows benza izinguquko ngenhloso yokuchitha isikhathi ngamabomu, kanti futhi nabadlali bayo bebeziwisa ngamabomu ngenhloso yokuchitha isikhathi, wathi okubacasule kakhulu wukuthi unompempe wengeze imizuzu emithathu kuphela ekubeni sisiningi isikhathi ebesimoshakele.
“Ngokujwayelekile, siyazi ukuthi ebholeni uma ushintsha kuba yimizuzwana engu-30. Ngakho-ke ngibuza ukuthi thina sishintshe kangaki ngesiwombe sesibili? Bashintshe kahlanu, thina sashintsha kathathu.
“Odabeni lwekhadi elibomvu, uNabi uye kunompempe eyobuza ukuthi kanti iGolden Arrows ishintsha kanjani?”
“Bekuyisu layo iGolden Arrows ukuthi ichithe isikhathi kodwa unompempe wengeza imizuzu emithathu kuphela esikhundleni semihlanu ekubeni bekunesikhathi lapho khona bekungena udokotela ezonyanga umdlali.
“Sesidlale imidlalo engu-12 (yeligi) kodwa bekuqala ngalo mdlalo wethu neGolden Arrows ukuthi kwengezwe imizuzu emithathu. Yingakho sibona sengathi unompempe ubezama ukulisiza iqembu ebesibhekene nalo (ukuthi liwine),” kusho uBen Youssef.
Nokho lo mqeqeshi uvumile ukuthi ukulahla kwezakhe amathuba okushaya amagoli kube nomthelela ekuhlulweni kwabo.
“Uma ungawasebenzisi amathuba okushaya amagoli, ugcina ngokuthi ungenelwe yigoli okuyiyonanto eyenzekile kithina kulo mdlalo. Sithole amathuba amaningi sehluleka ukuwasebenzisa. Uma ushaya igoli kushintsha izinto eziningi. Ngabe ngikhuluma okunye manje ukuba sikwazile ukuwasebenzisa ngendlela amathuba esiwatholile.
“Nokho futhi ngingasho ukuthi asinayo inhlanhla ngoba isithanda ukuvama le nto yokuthi sithole amathuba amaningi singawasebenzisi kodwa iqembu esibhekene nalo lithole ithuba elilodwa noma amabili, lishaye igoli. Kodwa sizoqhubeka sisebenze ukulungisa lokho.”
Amakhosi aseshaywe kahlanu kule sizini emidlalweni engu-12 yePremiership, azobuyela khona eMoses Mabhida eseyobhekana neSekhukhune United, ngeSonto, ngo-3.30 ntambama.