OWAYENGUMDLALI weLamontville Golden Arrows, uNjabulo “Mvonqo” Manqana, uvikela owayengumqeqeshi wakhe, uManqoba Mngqithi, ogxekwa ngabanye abalandeli beMamelodi Sundowns.
UMngqithi unikwe isikhundla sokupheka iSundowns ngemuva kokukhonjwa indlela kukaRhulani Mokwena oseqeqesha iWydad Casablanca yaseMorocco. Ngaphansi kwakhe, amaBrazilians akhishwe yiStellenbosch FC kowandulela owamanqamu weMTN8. Lokhu kushiye abanye abalandeli bawo benganeme, balibheka ngembaba elokuthi uMngqithi ngeke ayenzele lutho iSundowns.
UManqana, owayeseqenjini leLamontville Golden Arrows elawina iMTN8 ngaphansi kukaMngqithi ngo-2009, usole abalandeli ngokugxeka lo mqeqeshi.
“Abantu kufanele bakhumbule ukuthi ubani owenza ukuthi iSundowns idlale kanje ngaphambi kokumgxeka kanje. Usahlale ebhentshini emidlalweni emibili kuphela (emithathu) kodwa bonke abantu sebembukela phansi. Walethwa nguPitso (Mosimane) kwiSundowns. Lapho iSundowns yayingadlali lesi sitayela. UMngqithi wafika washintsha yonke into, iSundowns yaqala yawina izindebe. Ngeke umahlulele ngale midlalo emibili,” kusho uManqana.
“Kungiphatha kabi kakhulu ukugxekwa kwakhe ngoba ngiyazi ukuthi umqeqeshi udinga isikhathi nabadlali bakhe. Uma ubheka akashintshanga okuningi esikimini seSundowns. Kuseyibona abadlali abebedlala ngesizini edlule. Ngakho abalandeli beSundowns abehlise umoya ngoba loya muntu ngesikhathi efika eqenjini bekungenjena. Ufike wabanyusa wababeka phezulu. Manje asikho isidingo sokuthi benze sengathi uMngqithi ubengekho ngesikhathi iSundowns iwina izindebe. Ngiphatheke kabi kakhulu ngokugxekwa kwakhe ngoba siyaziwa nje, uyena owasiveza ebholeni sinoKhuboni (Thanduyise) noPhilani (Shange).”
Emasontweni adlule, uMngqithi, udalule ukuthi uzoyishintsha indlela yokudlala yeSundowns ebincike ekugcineni ibhola isikhathi eside ebithakaselwa ngabalandeli bayo.
“Into engiyithandayo wukuthi wakubeka obala ukuthi kade bephatha kakhulu ibhola. Manje ugcizelela indaba yokuhlasela ngokushesha. Abafana basazama ukuyijwayela lento ngoba akulula ukuyidlala. Ngiyakhumbula kwi-Arrows nathi ibhola esasilidlala, amagoli esasiwashaya ayeqhamuka emabholeni amade ezitobha emuva. UMngqithi uthanda abadlali abangena ezikhaleni, bezokwazi ukuthola lawo mabhola,” kusho uManqana.
Emuva komdlalo neStellies, uMngqithi uxolisile kubalandeli beSundowns, wathembisa ukuthi iqembu lizohlangana. AmaBrazilians azobuyela enkundleni ngoMgqibelo uma eseyobhekana neMbabane Swallows yaseSwatini emdlalweni weCaf Champions League eLucas Moripe Stadium, ePitoli.