INKOSI yesizwe KwaHlathi seyinxuse umphakathi omba kule ndawo ukuthi uthobele imiyalelo kahulumeni.
Isho lokhu emva kwesimemezelo sabe-Council for Geoscience, esehlise izihlathi kwabebezitshele ukuthi yidamane lokhu abakumbayo nokuvele ukuthi ngamatshe nje anentengo encane kakhulu.
Engxoxweni Inkosi Simphiwe Kunene ebenayo neSolezwe ngesikhathi likule ndawo izolo, ithe izomemezela ezinduneni ukuthi zitshele abantu bayeke ukuqhubeka nokumba.
"Vele indaba sebeyayazi ukuthi akusilo idayimane. Kulula ukudlulisa umbiko ebantwini balapha KwaHlathi kodwa iningi labantu abaqhubeka nokumba akusesibo abakule ndawo. ngabavela ezindaweni ezehlukene," kusho uKunene.
Uveze ukuthi amatshe atholakala kule ndawo, nawo awuhlobo oludingekayo nakuba kungesilo idayimane, kodwa wathi umthetho kahulumeni, awukuvumeli ukuthi abantu bambe okungaphansi komhlaba.
"Ngesikhathi sinomhlangano nabezokumbiwayo, bakuqinisekile ukuthi emva kokuthi sekuqedwe ucwaningo kule ndawo oluzothatha izinyanga ezintathu, kuzobe sekulekelelwa ngokufundisa amalungu omphakathi," kusho uKunene.
Uthe umphakathi unenselelo yokungasebenzi kanti ukuvela kwalezi zindaba, kuwuhlomulisile umphakathi ikakhulu abadayisi ngenxa yenqwaba yabantu abebethutheleka endaweni. Uveze ukuthi bazolanda uhulumeni ukuza nezinhlelo ezingahlomulisa umphakathi, wathi ochwepheshe abazohlola indawo bathembise nokuthi bazosale sebebheka nezindawo ezinamanzi phansi angasiza umphakathi njengoba ubhekene nenselelo yawo.