KUVUKA upelepele ogqokweni ngodaba lwabasolwa ababili okuthiwa bavuma icala lokubulala owayengunozinti we-Orlando Pirate uSenzo Meyiwa.
AbeNewzroom Afrika bavakashela imindeni yabasolwa ababili okungumsolwa wokuqala nowesibili uMuzikawukhulelwa Sibiya noBongani Ntanzi okusanda kuvela enkantolo.
Uyise kaMuzikawukhulelwa watshela intatheli ukuthi indodana yakhe yaboshwa ngomhla ka 30 Meyi, yanyamalala inyanga yonke kungaziwa ukuthi ikuphi yaze yalethwa ngabakwasidlodlo ngoJuni.
Uthe ngesikhathi ifika bayiyalela ukuthi ikhulume naye nokuyilapho eyaveza khona ukuthi ishaywe yanaba ivunyiswa ngenkani icala lokubulala uMeyiwa.
“Wangitshela ukuthi wayegcinwe ehlathini lapho ashaywa khona ephoqwa ukuthi akalivume icala lokubulala. Uthe watshelwa ukuthi uma engalivumi uzobulawa njengomunye owesilisa owabulawa eVooslorus ngoba naye wabulawa yibona laba afika nabo,” kusho uyise
Uqhubeke wathi indodana yakhe yaveza ukuthi ngaphambi kokuvunyiswa ngenkani icala, yanunuselwa ngoR100 000 uma ingakhomba abanye abasolwa njengababulali.
“Wathi akakwazi ukukwenza lokho ngoba uzobe ekhuluma into engekho futhi nolwazi lwecala engenalo. Uthe ngemuva kwalokho washaywa waze walivuma icala engitshela ukuthi ulivunyiswa wukuthi uvikela impilo yakhe.”
UMnuz Sibiya uthe indodana yakhe yakuveza lokhu enkantolo yeMantshi lapho eyayiqula khona elinye icala, yakhishwa yayohlaliswa kwelinye ijele.
Umndeni kaNtanzi nawo uveza okufanayo ngokuthi indodana yabo kuthiwa yathenjiswa uR3 million uma ingalivuma icala lokubulala uMeyiwa.
“Uthie babemshaya, bamfaka esiqandisini, wayengafakwanga esitokisini, babembambile lapho ababembambe khona bemshaya,” kusho uyise kaNtanzi.
Adv Mngomezulu can verify these family's allegations 🤔#SenzoMeyiwaTrial #SenzoMeyiwa #JusticeForSenzoMeyiwa pic.twitter.com/OZSt1lyO2y
— Miss Baloyi 👑 (@MissBaloyi_) October 18, 2023
Njengamanje, enkantolo kuhleli iMantshi Vivian Cronje, kwesofakazi. Le mantshi igabe ngenkulumo eqoshiwe ummangalewa wesibili evuma icala. UNkk Cronje ongufakazi woMbuso utshele inkantolo ukuthi uMnuz Bongani Ntanzi walethwa kuye enkantolo ezovuma icala.
“Ummangalelwa walethwa amaphoyisa ehamba nommeli wakhe, ngamchazela yonke imicilikisho yokuvuma icala kukhona notolika. Wazivumela yena konke wathi akaphoqwe muntu futhi ikhona ingxoxo yethu eqoshiwe. Wasayina isitatimende, ngasayina nami notolika ngokunjalo,’’ kusho uNkk Cronje ekhuluma ngesiBhunu etolikelwa.
UNkk Cronje uthe nakuba uNtanzi wayeboshwe ngozankosi kodwa wayekhululekile nje, ekhuluma engakhombisi ukuxwaya futhi amehlo akhe ayeqonda ngqo engashalazi uma ekhuluma. UNkk Cronje uthe wambuza ukuthi kukhona yini ukulimala anakho noma ukungaphatheki kahle, wathi akukho.
Iyaqhubeka inkombankombane yokuvuma icala enkantolo.