INKANTOLO eNkulu eGoli iSouth Gauteng, ivune ngesicelo esiphuthumayo sikaMengameli Cyril Ramaphosa sokunqanda ukuba uMnuz Jacob Zuma amshushise ngokwakhe.
UZuma ufuna ukushushisa uRamaphosa njengengxenye yabantu abaphula umthetho ecaleni azishushisela yena mathupha umshushisi omkhulu ecaleni lakhe lenkohlakalo nokukhwabanisa, u-Advocate Billy Downer, amsola ngokuputshuzela intatheli yeziko lezindaba elibika ngesiNgisi, ulwazi oluyimfihlo ngempilo yakhe.
UZuma usola uRamaphosa ngokungathathi zinyathelo ngesikhathi embikela ngokwenzeka, ufuna ayophendula ngalokhu enkantolo ngesonto elizayo.
URamaphosa ufuna inkantolo imnikeze isivimbelo esizonqanda uZuma ukuba aqhubeke naleli cala, kuze kube kulalelwa isicelo lapho uRamaphosa afuna ukuba kuchithwe icala elifakwe wuZuma. URamaphosa uthi uZuma akanalo igunya lokuzishushisela yena mathupha.
IJaji uDJP Sutherlands likhipha isinqumo, liveze ukuthi inkantolo iyagunyaza isicelo esiphuthumayo sokunqanda ukuba uZuma azishushisele ngokwakhe uRamaphosa.
Ijaji liqhubeke lathi uhlangothi lwesibili lwesicelo sikaRamaphosa luzolalelwa lapho sekulalelwa icala elifakwe enkantolo ngomhla ka-19 njengoba incwadi eyanikezwa uZuma yokuzishushisela ngokwakhe umshushisi woMbuso uBilly Downer nentatheli kayimufaki uRamaphosa.
UMnuz Mzwanele Manyi okhulumela inhlangano iJacob Zuma Foundation uthi izinsolo zenhlangano ziqinisekisiwe njengoba basola ukuthi ukuqhamuba kwamajaji amathathu azokwengamela leli cala njengoba besingekho isicelo ebesifakiwe nhlangothi zombili ukuthi kube namajaji amaningi kangaka ukusingatha lolu daba.
“Kuyasolisa nokukhuluma kwejaji ukuthi izinkantolo ziyafana ngoba lolu daba luhleli ezinkantolo ezingafani. Yize kunjalo, umengameli uRamaphosa usangumsolwa ecaleni elungenayo ngomhla ka-19 kwephezulu. Kuyocaca khona,” kusho uManyi.
UManyi uqhubeka ngokuthi lokhu kuyacaca ukuthi ubulungiswa busebenzela abantu abadla izambane likapondo kuphela, hhayi abadla imbuya ngothi (njengoZuma).