Luzongena eNkantolo yokweDluliswa kwamaCala eBloemfontein, eFree State udaba lombango wesihlalo seSilo sikaZulu.
Ijaji Norman Davis, eNkantolo eNkulu ePitoli ligunyaze uMengameli Cyril Ramaphosa ukuthi asedlulise isinqumo salo.
Emuva kwesinqumo sangoDisemba, uRamaphosa wamemezela ukuthi uzofaka isicelo sokusedlulisa ngoba akeneme ngaso, esola iJaji uDavis ngokuphaphalaza. URamaphosa ubefake isinqumo kulona iJaji uDavis lamgunyaza ukuthi angalwedlulisa udaba uma engenelisekile.
IJaji uDavis ngoDisemba wonyaka odlule lakhipha isinqumo salo lilahla uRamaphosa ngelokuthi akalandelanga imigudu efanele enika iSilo isitifiketi. URamaphosa wayemangalelwe wuMntwana uMbonisi kaBhekuzulu wendlu yaseKhwezi nongumfowabo weSilo esidala.
Okhulumela iSilo, uMntwana u-Afrika Zulu wendlu yasOnkweni, umemezele ukuthi iJaji livune uRamaphosa, nokusho ukuthi udaba luzongena eBloemfontein uma sekuphume usuku.
"Indlunkulu neSilo bayamuhalalisela uMengameli Cyril Ramaphosa ngokunqoba ethola imvume yokwedlulisa isinqumo sangoDisemba 11. Isinqumo esivuma ukwedlulisa icala sisho ukuthi udaba luzolalelwa eBloemfontein,’’ kusho uMntwana u-Afrika.
Umbango wesihlalo seSilo selokhu waqala emuva kokukhothama kweNgonyama endala, uZwelithini kaBhekuzulu eyafulathela leli ngoMashi 2021. Kuhambe kwaze kwafika lapho uRamaphosa enika khona iSilo uMisuzulu kaZwelithini isitifiketi nokwakuchaza ukumemukela njengeSilo.
UMntwana u-Afrika uthe iSilo simncoma kakhulu uMengameli uRamaphosa ngokuthi aphikelele angakhathali kulolu daba, afune ubulungiswa. Uthe lokhu kuyakhomba ukuthi umengameli ukholelwa ekutheni umthetho usebenze ngobulungiswa neqiniso.
Uthe bafisela ithimba labameli bakamengameli okuhle kodwa uma sebeqhuba lolu daba. Uthembise ukuthi uZulu wonke uzokweseka ithimba labameli ngemikhuleko. Uqhube wathi abangabazi ukuthi inkantolo izolusingatha ngobunono nangobuqotho lolu daba.
Okunye okwavela wukuthi iSilo uMisuzulu kaZwelithini, sanquma ukubuyisa inkampani yabameli iStrauss Daly Attorneys esasikade siyisebenzisa kudala odabeni lombango wesihlalo.
Kwenzeka konke lokhu nje, uZulu unomgubho wokukhumbula iMpi yaseSandlwana lapho okulindeleke ukuthi iSilo sethule inkulumo yaso. ISilo uCetshwayo kaMpande saphaka amabutho anqoba impi yamaNgisi nokwaba yingqophamlando.