IZOQHUBEKA ingqungquthela yokukhetha ubuholi beNFP njengoba inkantolo ichithe icala ebelingathikameza ukuhlala kwengqungquthela.
INkantolo eNkulu eMgungundlovu ichithe icala ebelifakwe uhlangothi olungahambisani nengqungquthela okuhlelwe ukuba iqale ngoLwesihlanu, eThekwini.
Lolu hlangothi okungabaholi beNFP abakhethwa engqungqutheleni yokukhetha ubuholi beqembu eyayingo-2019, belifuna ukuthi inkantolo inqume ukuthi ilona kuphela uhlaka lobuholi olusemthethweni kwiNFP.
Lobu buholi bahlakazwa isinqumo senkantolo sango-2021, kepha busanda kusidlulisela phambili lesi sinqumo.
Ingqungquthela yokukhetha ubuholi yona ihlelwa ubuholi besikhashana obakhethwa emva kokuhlakazwa kobuholi bango-2019.
Inkantolo ilukhiphile ohlwini lwamacala aphuthumayo udaba obelulalelwe izolo.
Ijaji Nompumelelo Radebe uthe angeke akwazi ukukhipha isinqumo ngokushesha.
“Udaba olufakwe enkantolo ludinga ukuthi kunikezwe zonke izinhlangothi ezithintekayo isikhathi esanele sokuba zifake amaphepha azo. Lolu udaba ongeke lukwazi ukulalelwa njengodaba oluphuthumayo. Abebefake icala basangabuya bafake esinye isicelo.”
Oyingxenye yethimba lesikhashana elihola iNFP, uMnuz Teddy Thwala, uthe isinqumo senkantolo sisho ukuthi ingqungquthela izoqhubeka.
“Kudala sisho kubo bonke abafowethu esinabo kwiNFP ukuthi akuhlale ingqungquthela yokukhetha ubuholi. Ingqungquthela kuphela eyosisiza. Ukufakana ezinkantolo angeke kusisize ngalutho. Ukuqulwa kwamacala ezinkantolo kungathatha ngisho iminyaka emihlanu. Ngingasho ukuthi iNFP inqobile ngoba besingasazi ukuthi kuzokwenzekalani njengoba bekusenaleli cala.”
UThwala oyingxenye yabahlela ingqungquthela, uthe amalungiselelo ahamba kahle.
“Silindele izithunywa ezingaphezu kuka-600. Izithunywa ziqhamuka ezifundazweni ezinhlanu.”
UThwala uphakanyiselwe kwesikanobhala jikelele kule ngqungquthela.
Uthe ingqungquthela iyithuba lokwakha kabusha iNFP.
“Leli ithuba lokuvuselela kabusha iNFP, sikhombe indlela eya phambili.”
Ngakolunye uhlangothi, ubuholi obakhethwa ngo-2019, busamile ekutheni ingqungquthela ezoqala kusasa ayikho emthethweni.
Owayekhethwe njengonobhala jikelele ngo-2019, uMnuz Canaan Mdletshe, uthe abantu abahlela ingqungquthela abasiwona amalungu ethimba lesikhashana elaliqokwe ukuba lihole iNFP ngesikhathi kuhlakazwa ubuholi.
UMdletshe uthe nengqungquthela yokukhetha ubuholi beNFP KwaZulu-Natal eyayikulo nyaka, yayingekho emthethweni.
Umbango wobuholi usuholele ekutheni iNFP ihluleke ukungenela ukhetho.