KUQHUME umkikizo namakhwela kwizakhamuzi zasoLundi ngesikhathi iMeya kaMasipala wasoLundi, uMnuz Wilson Ntshangase, inikezela ngokusemthethweni ihholo lomphakathi endaweni yasekuShumayeleni, ku-wadi 2 ngoLwesithathu.
Ilungu lomphakathi, uNksz Nozipho Mazibuko, lithe besebekhathele ukubambela imihlangano ngaphansi kwezihlahla, lathi lizophinde lisize kakhulu uma kunemicimbi endaweni.
"Siyabonga kakhulu, bese kuyisikhathi eside singenalo ihholo futhi izinto eziningi besesingakwazi nokuzenza. Siphinde sibonge nakumeya wethu uMgazi ngokusicabangela izinto ezinhle," kusho uNksz Mazibuko.
IMeya uNtshangase ithe bathi uma bebuka uhlahlomali njengomkhandlu bakubona kubalulekile ukuthi kwakhiwe isakhiwo sehholo ebelidingakala emphakathini wasekuShumayeleni. Imeya ibonge umphakathi ngokungaphazamisi umsebenzi wokwakhiwa kwehholo.
UNtshangase uthe ngokunikezela ngehholo abathengi amavoti kepha bagelezisa intuthuko emphakathini.
"Leli hholo esilivula lana liqanjwe ngoNdlunkulu uPhangela ozala uMnyamana, ngiyathokoza ukuthi sibambisane kahle nomphakathi. Ngiyajabula futhi ukuphinde ngibuye ku-ward 2 njengoba sengike ngafika ngizonikezela ngenkulisa. Njengoba silokhu siqamba lezi zakhiwo ngamagama amaqhawe akithi KwaZulu kungenxa yokuthi sifuna ukugcina umlando," kuchaza uNtshangase.