ITHOBEKE amanxeba inkosikazi kasomatekisi waseBhukhanana, eMpangeni, owabulawelwa uR6 000, begwetshwa odilikajele neminye iminyaka ngaphezulu, abesilisa ababili abalahlwe ngecala lokubulala umyeni wakhe.
UMnuz Thulani Nsele wadutshulwa wabulawa emakethe yakule ndawo ngoMeyi 24, 2021, eneminyaka engu-47.
INkantolo yeMantshi yaseMthunzini ilahle ngecala usomatekisi waseBhukhanana uNkunzebomvu Biyela nenkabi yakhe yaKwaDukuza, uTsepo Pakkies.
Ngecala lokubulala bagwetshwe odilikajele, ngelokuzama ukubulala banikwa iminyaka emihlanu, ngelesibhamu esingekho emthethweni bagixabezwa ngeyishumi, baphinde bathasiselwa ngemibili ngokutholwa nezinhlamvu.
Ephawula ngesigwebo umkamufi, uNksz Nompumelelo Ndlovu, uthe nakuba isigwebo singeke sisambuyisa umyeni wakhe kodwa ujabule.
Wabalula ukuthi kuningi adlule kukho ngesenzo sababulali.
“Sinezingane siphoqeleke ukuthi sishiye ikhaya lethu, siye ekubhaceni ngenxa yezinsongo ebesizithola. Bengishayelwa ucingo izinombolo ezifihliwe, zingitshele ukuthi angihambe ngiyosula icala, kungenjalo nami ngizobulawa,” kusho uNksz Ndlovu.
Uqhuba wathi ubevele abatshele kwezikabhoqo ukuthi akukho cala azolisula ngoba icala eloMbuso akulona elakhe.
Uveze nokuthi ukubulawa komyeni wakhe kwashiya omkhulu umonakalo ezinganeni zakhe, athe zonhlanu zisasesikoleni.
“Ngaphandle kokulimala komqondo ngoba bezisondelene kakhulu noyise, kwaphoqa ukuthi ngizikhiphe ezikoleni ezizimele, ziyofunda kwezikahulumeni ngoba imali ibingasangeni kahle ngamatekisi asishiya nawo,” kusho uNksz Ndlovu.
Uthe umufi wayenamatekisi ayisishiyagalombili ePitoli, bese eba mathathu eMpangeni, wathi uphoqeleke ukuthi awathuthe awaseMpangeni awayise ePitoli ngoba kungasebenzeki.
“Nakhona kuyafiliza, kuyasho ukuthi sekushintshe isandla, akusefani nangesikhathi kusekhona yena,” kusho uNksz Ndlovu.
Elandisa ngokubulawa komyeni wakhe, uthe into ayibanga noBiyela ukufikiswa kwezingane sekwedlule isikhathi esikoleni.
Uthe izingane zendawo zazithuthwa imoto kaBiyela, bathola izikhalazo esikoleni, othisha bethi zihlale zifika sekwedlule isikhathi.
“Umyeni wami wakhuluma kaningi noBiyela ezwakalisa ukungenami ngoba imoto yakhe ibizithatha ngo-5 ekuseni izingane emakhaya, sixakeke uma sezifika sekwedlule isikhathi esikoleni,” kuchaza uNksz Ndlovu.
Uqhube wathi umufi wavele wazikhipha ezakhe izingane emotweni kaBiyela, waqala ngokuzihambisa yena esikoleni, ngaphambi okuba azitholele enye imoto eyayiya ngakhona ezikoleni zezingane.
“Abazali bavele bazikhipha nezabo, bazifaka kule moto etholwe umyeni wami. Kwaphuma izingane ezingu-12 emotweni kaNkunzi, wadinwa wafa, ethi umyeni wami umphuce umsebenzi,” kusho yena.
Uthe baqala lapho bathola izinsongo, uBiyela eshayela ucingo umufi emtshela kwezikabhoqo ukuthi izinsuku zakhe sezibaliwe. UNksz Ndlovu uthe naye wayemsongela, ethi akusensuku zatshwala amgqokise inzilo.
“Ingane ngayinye yayikhokha uR500 ngenyanga. Okusho ukuthi uNkunzi wabulala umyeni wami embulalela uR6 000,” kubalisa uNksz Ndlovu.
UBiyela noPakkies baboshwa ngalo usuku lwesigameko njengoba icala balenzela budebuduze nesiteshi samaphoyisa, avele abajaha esizwa nawumphathi.
Ngenxa yengcindezi, bayigingqa imoto ababebaleka ngayo, uBiyela waphuma wabaleka eshiya ngemumva umazisi, amakhadi asebhange, ilayisense neselula.
Amaphoyisa ngaphakathi emotweni afica uPakkies, nomunye wesilisa owaphenduka ufakazi woMbuso.
UNksz Ndlovu ubonge umphakathi ngokumeseka kusuka liqala icala, waphinde wancoma abaseshi ngokugojela ababulali.