UKHISIMUSI usheshe wafika kubantu baseMalukazi, eThekwini, ngesikhathi inhlangano engenzi nzuzo, i-Gift of the Givers nesikole iWindy Heights Primary, bebapha ukudla izolo.
Ingu-250 imindeni ehlomule ngala maphasela okudla kukaKhisimusi njengoba yonke inezingane ezifunda kuso lesi sikole. Kuthiwa ikhethwe yiso isikole ngohlelo lwesikole iLearner Support Committee.
Omunye wabahlomule uNkk Bonakele Ndlovu (52) waku-Road 4, eMalukazi, uthe ufuna ukudlulisa ukubonga okukhulu kwi-Gift of the Givers nesikole iWindy Heights ngephasela alitholile.
“Umzukulu wami ufunda uGrade 3 kule sikole. Ngijabule ngokweqile ngesikhathi isikole sikhetha ukuthi umndeni wakhe nawo uzohlomula kulo mnikelo ngoba akukho noyedwa osebenzayo emndenini wethu,” kusho uNkk Ndlovu.
Umsunguli we-Gift of the Givers, uDkt Imtiaz Sooliman, uthe unethemba lokuthi imindeni ehlumule ilujabulele usizo ngoba ngenxa yokweswela, akubo bonke abantu abathi uma kusondela uKhisimusi bajabule.
Ngesikhathi ebonga abaxhasi benhlangano ukuthi benze lo mnikelo ube yimpumelelo, ubuye wadlulisa nomyalezo oqavile kubazali ethi banomsebenzi onzima obahlalele emahlombe okuwukukhulisa izingane.
“Kunesisho esithi ingane yami, ingane yakho. Ake sibuyele kuleyo mfundiso, sikhulise kahle abantwana bethu ngoba ikusasa lezwe likubona ngakho kubalulekile ukuthi sikhulise abantwana abazokwazi ukunakekela izwe lethu kusasa. Sikhulise abantwana ngendlela yokuthi babeqotho,” kusho uSooliman.
Uthe izwe livela esikhathini esinzima sokungabi bikho kobulungiswa, wathi izikole zinejoka lokulungisa leso simo kanti kufanele zinikwe konke ukwesekwa ezikudingayo.
“Kuwumsebenzi wethu sonke ukuthi silungise lapho okungahambanga kahle khona, sakhe izwe lapho izingane zethu sonke zizokwazi ukuthi zidlale ndwonye,” kusho yena.
Le nhlangano akusikho okokuqala ivakashela lesi sikole ukuzoletha usizo njengoba yafika nangoMeyi, nonyaka, emva kokuthi izikhukhula zikhahlameze imizi kule ndawo.
Ngaleso sikhathi yanikezela ngamaphasela ngaphezu kuka-180 emindenini yabagilwa yizikhukhula yaphinde yabanika nezingubo zokulala.
Uthishanhloko wesikole, uNksz Thembekile Makhanya, uthe bayawubonga umsebenzi owenziwe yinhlangano, wathi bazizwa bekhethekile ukuthi bahanjelwe umsunguli wenhlangano siqu sakhe njengoba engumuntu ohlale ematasa.
Ebhekise kuDkt Sooliman, uNksz Makhanya uthe: “Sicela usithathe isikole sethu nomphakathi waseMalukazi usifake ngaphansi kwephiko lakho ngoba luningi usizo esiludingayo,” kusho uNksz Makhanya.