AYAPHELA amahlathi okucasha kumaqola akokotela izincwadi zokushayela eHluhluwe njengoba kwakhiwa isikhungo esisha esizoqiniswa ngobuchwepheshe obuphezulu ukubamba izigilamkhuba.
Muva nje iziphathimandla zamaphoyisa nezikamasipala waseBig Five Hlabisa zihambele lesi sikhungo esakhiwayo nesibize imali engu-R5 million .
U-Inspector Musa Gumede uveze ukuthi isikhungo abebesebenzela kuso besisincane kakhulu futhi besithatha abantu abayishumi kuphela ngosuku abasuke bezobhala izivivinyo zezincwadi zokushayela.
"Ngaphandle kwalokho sike saba namaqola abezama ukugebenga abantu ethi asebenzela leli hhovisi lethu, anolayini wokukhipha izincwadi zokushayela. Nokho sikwazile ukuvimba lobu bugebengu. Sigcine sesifaka uxhaxha lwamakhamera anobuchwepheshe obunzulu ukuze siqaphe ngelokhozi abenza umgunyathi," kuchaza uGumede .
Uthe uma ubanjwa eHluhluwe ukokotela izincwadi zokushayela ukuba uvalwe iNingizimu Afrika yonke ukuba uphinde ukwazi ukuzenza ezinye ngoba basebenzisa indlela eyodwa kuhulumeni.
IMeya yaseBig Five Hlabisa, uMnuz Comfort Khumalo, ithe njengoba bekhiphe imali engu-R5 million ngokwakha lesi sikhungo esisha, kuzohlanganiswa nenkundla yokufundela ukushayela .
"Isikhungo esisha lesi sizokwazi ukuthatha abantu abangu-80 ngosuku abazokwenza izincwadi zokushayela. Kuhlelelwe ngisho nalabo abaphila nokukhubazeka ukuba bakwazi ukusizakala njengoba kunamagumbi azobayingxenye yalesi sakhiwo esisha okusiza bona," kusho uKhumalo.
Lesi sikhungo sisemahhovisi kaMasipala, iBig Five Hlabisa eHluhluwe.
Emuva kwalokho imeya ibuye yayophendula isoyi kwaNibela, lehholo lo mphakathi eluzokwakhiwa khona.
Nalo leli hholo liyingxenye yentuthuko edidiyelwe ebiyethulwa emphakathini waseHluhluwe ngoLwesihlanu.
Umphakathi wakwaNibela obudebuduze nomngcele waseMozambique,besekuphele iminyaka ukhala ngokuswela ihholo ngoba uthi awukwazi nokwenza imicimbi emikhulu ngenxa yokungabi nayo indawo evulekile yokuhlanganela njengomphakathi.