LISHAYELWE ihlombe wumphakathi igxathu lokuqhubeka nokwakha isikhungo samaciko ngoLwesihlanu, emcimbini obuhanjelwe yizikhulu zikahulumeni eNanda.
Isakhiwo iDr JL Dube Amphitheatre, sisemagcekeni esikole i-Ohlange High, siqale ukwakhiwa ngo-2014, kodwa saphazanyiswa yizinkinga zemali ezaholela ekutheni kumiswe umsebenzi wokwakhiwa kwaso.
Phakathi kwezikhulu ebezihambele indawo zihlola uhlelo lokwakhiwa kwesikhungo kubalwa uNgqongqoshe woMnyango wamaCiko, amaSiko nezeMidlalo kuleli, uMnuz Nathi Mthethwa, iMeya yeTheku uMnuz Mxolisi Kaunda, nekhansela lendawo yasoHlange uMnuz Thulani Khunju nomphakathi waseNanda.
Phambilini kwajutshwa umnyango wezeMisebenzi kaHulumeni neNgqalasizinda kodwa uhlelo lokwakha ladluliselwa emnyangweni wezoBuciko, amaSiko nezeMidlalo ukuze uqedele umsebenzi.
UMnuz Thamiboy Shandu, wasoHlange, uthe unethemba lokuthi kuzosizakala abantu abasha nesizukulwane samanje ngomlando ojulile waloyo owayengumongemali we-ANC, uDkt Langalibalele Dube, kanjalo nendawo yaseNanda.
"Lesi sikhungo sibalulekile ngoba sazi sonke ukuthi sinomlando omuhle. Ngikholwa ukuthi kuningi abantu abazokuthola ngomlando wamanye amaqhawe aqhamuke emuva kukaMafukuzela. Ngiyethemba futhi ukuthi ukuhlupheka esinakho endaweni kuzothi ukwehla ngoba kuzovela namathuba omsebenzi," kuchaza uShandu.
UNkk Ntombi Cele wasoHlange, uthe uyakujabulela ukubona intuthuko ezolekelela ekutheni iveze amakhono abantu abasha endaweni.
"Ngikholwa ukuthi lizobuya ithemba entsheni ebisiqala ukulahlekelwa yilo njengoba kulungiswa isakhiwo esikholwa ukuthi sizoba wusizo kuyo. Siyakholwa futhi ukuthi sizolekela nasekutheni kwehle izinga lentsha esingene yagamanxa ezidakamizweni ngenxa yokushoda kwezingqalasizinda ezifana nalesi," kusho isakhamuzi.
Emcimbini kwethulwa inkampani eqhuba umsebenzi wokwakha, iRisimati Consulting Engineers ewuqale ngo-2022.
Ephawula ngohlelo lokwakha uMnuz Mthethwa, uNgqongqoshe woMnyango wezoBuciko, amaSiko nezeMidlalo, uthe umnyango unqume ukuthi uzibambele ngokwawo umsebenzi ngoba bekucaca ukuthi umnyango obujutshiwe phambilini wehlulekile.
"Silindele ukuthi umsebenzi uqedwe ngoNovemba. Sasihlele ukuthi uqedwe eminyakeni edlule kodwa kwangenzeka lokho. Umnyango uzolokhu ufika uzobheka ukuthi umsebenzi uqhuba kanjani," kuphawula uMthethwa.