IHLOSE ukuletha ubunye emzimbeni kaKristu inhlangano yabefundisi esanda kusungulwa iKwambonambi Fraternal Pastors.
Lokhu kudalulwe nguSihlalo wayo uMfu Philani Zikhali we-African Gospel Church yaseMzingazi eRicharsds Bay.
UMfu Zikhali uthi ukholwa ukuthi sesifikile isikhathi sokuba amahlelo onke abambisane futhi asebenzisane ngenhloso yokushumayela iZwi likaNkulunkulu.
“Okuyikhona okusenhliziyweni yami kakhulu ukuletha ubumbano kubona bonke abefundisi baKwaMbonambi. Ngikholwa ukuthi ukusungulwa kwale nhlangano ebahlanganisayo kuzodala ukuthi bube khona ubunye kubefundisi,’’usho kanjena.
UZikhali uthe le nhlangno izophinde ibonakale ikhulekela zonke izinto ezibonakala zingahambi kahle kule ndawo.
Uthe kakade kungumsebenzi walo ibandla likaNkulunkulu ukunxusa ngomkhuleko uma kunesidingo sokuba lenze kanjalo.
INkosi yaKwaMbonambi, uMnuz Mkhanyiseni Mbuyazi uthe njengobuholi bendawo bakulangazelele kakhulu ukusebenzisana nabefundisi bale nhlangano ebeyethulwa.
INkosi ithe inkulu indima eklanywa ngabaholi bezenkolo emphakathini abakuwona besebenzisa umkhuleko.
“Ngikholwa ukuthi ukubunjwa kwenhlangano yabefundisi yalolu hlobo kuyinto emqoka kakhulu kithina sonke esingamalunga akule ndawo. Nathi njengobuholi bomphakathi sizosebenzisana nale nhlangano,’’kuzibophezela uMbuyazi.
Bekukhona noMphostoli Collins Dhlomo onxuse bonke abaholi abangamalungu ale nhlangabo ukuba basebenze ngokuzikhandla futhi nangokubambisana ngaso sonke isikhathi.
UMphostoli uDhlomo uthe ukholwa ukuthi mkhulu umehluko ozolethwa ukubunjwa kwenhlangano yabefundisi kule ndawo.
Ubaphosele inselelo yokuba balwe nakho konke okungalungile, bakuphebeze ngomkhuleko.
“Umphakathi uthembe nina ngakho ke kumele nakanjani nenze isiqiniseko sokuthi aniwuphoxi,’’kusho uDhlomo.