INHLANGANO engenzi inzuzo nesiza imiphakathi iGift of the Givers, ithumele umphakathi waseHammanskraal, amanzi asemabhodleleni njengoba kubheduke isifo sohudo icholera, endaweni.
Njengoba kusahlolwa ukuthi isifo sidalwe yini, kunxuswe umphakathi ukuthi ungawaphuzi amanzi aphuma empompini. Kumanje isifo sidlule nemiphefumulo yabantu abangu-15, abashonele esibhedlela iJubilee.
IGift of the Givers, ithumele amalitha amanzi awu-8 600 ngezigubhu ezingamalitha amahlanu, nezingamalitha ayishumi.
Umsunguli wenhlangano uMnuz Imtiaz Sooliman, uthe amanzi bawathumele esibhedlela iJubilee, nasezindaweni ezisondelene naso.
Inhlangano yodokotela iSouth African Medical Association Trade Union (SAMATU), ithe uMnyango wezeMpilo kumele wenze isiqiniseko sokuthi unodokotela abenele abazobhekana nesifo esibhedlela eJubilee.
UDkt Cedric Sihlangu, unobhala weSamatu, uthe bayazi ukuthi kunenkinga yokushoda kwabasebenzi bezempilo ezweni lonke.
"Ukushoda kwabasebenzi bezempilo kwenza kube nenselelo ezibhedlela zikahulumeni ekutheni zikwazi ukwelapha ngempumelelo izifo ezifana nalesi. Kudingeka odokotela nabahlengikazi abenele ukuze kunqandwe ukubhebhetheka kwalesi sifo," kuchaza uDkt Sihlangu.