BABHEKENE nengwadla osonkontileka abaphakela izikole KwaZulu-Natal, njengoba bengakwazi ukubolekwa imali yokuthenga ukudla yibhange Ithala, ngenxa yokuthi inkontileka yabo inganqanyulwa noma yinini.
Labo sonkontileka bathe bafike ebhange Ithala beyoboleka imali njengokwesivumelwano sokusebenza noMnyango wezeMfundo esifundazweni, babuya belambatha.
Isigatshana esikulesi sivumelwano sikubeka kucace ukuthi inkontileka inganqanyulwa noma yinini noma kungathiwa asiphelile isikhathi esiyiminyaka emithathu ebekelwe yona ngoMeyi 2026, ngenxa yezinto zomthetho njengoba uhulumeni esenezingxoxo nenkampani eyayithole lo msebenzi iPacina Retail.
Omunye wosonkontileka ocele ukungavezwa, uthe ubuye elambatha emva kokutshelwa ukuthi ngeke akwazi ukubolekwa imali ngenxa yalesi sigatshana.
Uthe akazi kumele enze njani ngoba umnyango ubuthe uyilungise yonke into neThala.
“Sibaningi, asikayiholi imali yango-Ephreli, asikwazi futhi manje ukubolekwa imali yibhange ukuze siqhubeke nokuphaka. Kunzima kwabaningi ngoba nomashonisa basimise kabi ngoba kudingeka siye koboleka imali kubona.
“Umnyango awuyilungise le nkinga ngoba ziningi izikole ezingeke zidle noma ezizothola ukudla okushodayo,” kusho lo sonkontileka.
UNksz Sitandiwe Dimba iReputation Manager ebhange Ithala, uthe beyibhange kumele bazenelise ukuthi imali ebolekiwe izokwazi ukubuya njengokusho komthetho iNational Credit Regulator ne-FICA.
Uthe ngenxa yokuthi imiqingo elethwa ngabaphakela izikole kubalwa nevela eMnyangweni wezeMfundo, ayihlangabezani nemigomo ebekiwe, abakwazi ukubolekisa kulabo sonkontileka ngemali.
“Asikwazi okwamanje ukubaboleka imali labo abangaphansi kohlelo lokuphakela abafundi ezikoleni.”
UNgqongqoshe wezeMfundo esifundazweni, uNkk Mbali Frazer, ekhuluma nabezindaba esikoleni obekuvulwa kusona i-lab yabafundi eNewlands izolo, uthe bamatasa baxoxa nebhange Ithala ngale nkinga.
Uthe zonke izinkontileka kumele zihambisane nomthetho wathi akukwazi ukuthi kungajahwa izinto ekubeni kusala konakala okunye.
“Njengoba kusenodaba oluthinta iPacina, sifuna ukuqale siqede lona bese sikwazi ukukhipha izincwadi ezifanele. Kuzothatha isikhashana kodwa kuya ngokuya siyaziphothula,” kusho uNkk Frazer.
Uthe abameli bomnyango nabePacina bamatasa basaxoxisana ngendaba yenkontileka.
Kwenzeka lokhu nje inhloko yomnyango, uMnuz Nathi Ngcobo, ngeledlule ukhiphe umyalelo ewubhekise ezikoleni ukuthi zamukele ukudla okushodayo kosonkontileka.
Ukhiphe lo myalelo emva kokuba ezinye zezikole zinqaba ukwamukela ukudla okungaphelele okungayiqedi inyanga.
Wathi kube nokubambezeleka ukukhishwa kwezincwadi zokuthi osonkontileka bakwazi ukuyoboleka imali ebhange Ithala.