AMAPHOYISA kaMasipala weTheku ashodelwa amabhodlela okugcina igazi elisuke lidonswe kumshayeli okusolakala ukuthi ushayela ephuze utshwala.
Lokhu kuvezwe ngokhulumela amaphoyisa umkhandlu, uSuperintendent Boysie Zungu.
UZungu uthe lena yinkinga ebhekene namaphoyisa ezweni lonke futhi iqale ukugqama kakhulu emuva kwezibhelu zokutapa ngoJulayi, 2021.
Uveze ukuthi bayasola ukuthi inkinga idalwa wukuthi inkampani ebikade ibakhiqizela la mabhodlela ingasakwenzi lokhu.
Lo sigaxamabhande udalule ukuthi ukungabi khona kwala mabhodlela kuletha inselelo emsebenzini wabo.
“Yize engekho amabhodlela, akusho ukuthi asibabophi abantu abashayela bephuze utshwala. Uma simbuka umshayeli ukuthi uphuzile, siyamthatha simhambise kwadokotela lapho afike athathwe khona igazi,” kusho uZungu.
UZungu uthi kuyawabambezela amaphoyisa futhi kudle isikhathi ukuhambisa kwadokotela umshayeli osuke esolakala ukuthi ushayela ephuzile.
“Uthola ukuthi uma besikade sihlele ukuthi sizothatha igazi kubashayeli bezimoto ezingu-30, sigcina sesithatha labawu-10,” kusho uZungu.
Nakuba lo mbutho ubhekene nale nkinga, uZungu uxwayise abashayela bedle amanzi amponjwana ukuthi ibhadi lizophuma ngabo, balale bebaliwe. Uthe le nselelo ibambezela isikhathi kodwa ayiwumisi umkhankaso wabo wokulwa nabashayela bedakiwe.
“Siyabaxwayisa abashayeli ukuthi bangashayeli bephuze utshwala ngala maholidi. Abangalokothi bazame ukuthatha amashansi ngoba sishodelwa amabhodlela ngoba sizobabopha bese bevela enkantolo,” kusho uZungu.
Ngenyanga edlule kube nemibiko ethi amaphoyisa iSAPS kuzwelonke avuma ukuthi bekunezingqinamba ekutholakaleni kwezinto ezidingeka ekuthatheni igazi lomshayeli.
Kwavela nokuthi le nkinga isiyaxazululeka futhi kuyothi kushaya isikhathi samaholidi kaKhisimusi, kuyobe sekuqonde konke futhi ngeke uphazamiseke umsebenzi wokuhlolwa kwabashayeli abasuke bephuze utshwala.