ZIVEZE izingqinamba ezingabhekana nomphakathi waKwaZulu-Natal izikhulu zoMnyango wezeMpilo esifundazweni, uma kuqhubeka ukuncishiswa kwesabelomali njengoba kungagcina ngokuthi kungadliwa ezibhedlela noma kungakuhlolwa amagazi nezinye izinto.
Izikhulu zikhale nangokuthi umphakathi ungathwala kanzima uma kuchithwa abasebenzi abaqashwa ngesikhathi kuhlasele ubhubhane iCovid-19 kuleli.
UMphathiswa woMnyango, uNksz Nomagugu Simelane, udalulele ikomiti lezezimali esiShayamthetho saseKZN muva nje, ukuthi kwakumele bakhethe phakathi kokuvala ezinye zezibhedlela noma badilize bonke laba basebenzi abaqashwa ngesikhathi salolu bhubhane, ekubeni bayadingeka ngoba babevala izikhala ezibalulekile.
Ukusho lokhu emuva kokuba amalungu aleli komiti ebuze ukuthi kungani kwaqashwa abanye balaba basebenzi ekubeni babenikwe inkontileka yokusebenza ngesikhathi seCovid-19 kuphela besiza ezibhedlela?
Lawa malungu abefuna ukuthola incazelo yokuthi njengoba uMnyango ukhala ngemali, kungani kungadedelwa laba basebenzi ngoba bebeyitoho?
UNksz Simelane uthe baqala benabasebenzi abangu-14 000, abathathwa ngesikhathi salolu bhubhane, wathi emuva kokuthathwa koxhaso nguMnyango kazwelonke, basala nabangu-7 000 kuphela.
“Sasingeke sikwazi ukubadiliza ngoba babevala izikhala ezikade zavuleka ezibhedlela.”
Uthe yingakho amacala athinta ukuboshwa koMnyango ayephezulu ngoba umsebenzi oyedwa wayenza imisebenzi yabantu abaningi.
“Manje bangu-1 500 abasebenzi abakwinkontileka futhi bakuyona yonke imikhakha, akubona kuphela abahlengikazi. Ngaphambi kweCovid-19, abahlengikazi babebhekene nomsebenzi omningi, bebebhekela amafayela eziguli, bezifunza baphinde bazilaphe, okusho ukuthi babenza imisebenzi yabantu abaningi umuntu eyedwa.”
Inhloko yoMnyango, uDkt Sandile Tshabalala, ihambe emazwini kaNksz Simelane, yathi babevala izikhala ezazikhona ezibhedlela.
“Uma singabadedela laba basebenzi, imiphakathi ingathwala kanzima. Akubona odokotela nabahlengikazi abaqashwa, kodwa nakweminye imikhakha sabaqasha laba basebenzi abavala izikhala.”
Mayelana nokuncishiswa kwesabelomali, uNksz Simelane uthe sincishiswe kakhulu njengoba kudingeka bahlwaye u-30% wokuthi bakhokhele ukunyuswa kwemali yabasebenzi ekubeni bethole kuphela u-70% kuzwelonke wokuhlangabezana nezindleko zokunyusa amaholo.
“Isabelo sincozulwe kwaze kwafika ethanjeni. Sesincishiswe cishe ngoR10 billion, eminyakeni edlule. UMnyango kazwelonke wehlise nolunye uxhaso emalini ethinta iHIV/Aids nenye ebhekele izakhiwo, nokuyimali ebesithembela kuyona.”
Uveze nokuthi uma kuqhubeka ukwehliswa kwesabelo kuzogcina sekwenza ukuthi bangakwazi ukukhokhela labo abahlinzeka ukudla ezibhedlela, kanjalo nokukhokhela labo abasiza ezintweni ezithinta amagazi nezinye izinto.