AYATHUTHUMELA amalungu omphakathi aseMaphephetheni, eNanda, ngokutholakala kwezidumbu ezintathu zishiswe zaba umlotha ehlathini kule ndawo ngeSonto.
Lezi zidumbu kuthiwa kazaziwa ukuthi zingezobani.
Ikhansela lakule ndawo, uMnuz Makhosini Luthuli, lithe lesi sigameko sesilethe itwetwe elikhulu kubantu baseMaphephetheni.
Uthe imibuzo miningi kunezimpendulo uma kukhulunywa ngalesi sigameko.
"Sonke sididekile kakhulu. Siyafisa ukuthola ukuthi ingampela kwenzekeni ngalezi zidumbu," kusho ikhansela ngokudumala.
Uthe bebengakazitholi izihlobo zabantu abasicongiwe. Ubabaze isihluku ababulawe ngaso.
Uthe sekuyolamula ulibofuzo uma kuya ngokuthi kuphela isikhathi eside zingatholakali izihlobo zabo.
Uthe uma ungena ehlathini kubonakala igazi phansi. Wathi kungenzeka ukuthi baqale ngokubabulala ngaphambi kokubashisa.
"Siyacela ukuthi izihlobo zabo ziphumele obala. Lokhu kuzosilekelela kakhulu ekutheni sazi ukuthi ngobani laba bantu ababulewe ngesihluku esingaka," usho kanjena.
Uveze ukuthi isidumbu sokuqala siyabonakaka ukuthi ngesomuntu wesilisa yize sishe kakhulu.
Esesibili naso uthe siyabonakala ukuthi ngesomuntu wesifazane.
Esesithathu uthe akucaci kahle ukuthi ngesomuntu wesilisa noma wesifazane yini.
“Kodwa ke sona siyabonakala ukuthi ngesomntwana kodwa ongemncane kakhulu,’’ echaza.
Ubalise ngomkhuba athe sewuphenduke insakavukela wokubulawa kwabantu kwezinye izindawo ebese izidumbu zabo zilahlwa kule ndawo.
"Njengoba nezihlobo zabo zingakatholakali angeke wazi ungathola ukuthi ngabantu abangasibona bakule ndawo," echaza.
Uveze ukuthi emasontweni amabili edlule, kade kufihlwa owesilisa owatholakala ebulewe ngasedamini.
Uthe sikhona esinye isigameko lapho okutholakale khona isidumbu kuyona le ndawo.
Okubakhathazayo ngaphezulu kwezinto zonke, uthe ukubona izigameko zalolu hlobo zanda eNanda.
Uveze ukuthi usebize nomhlangano isigubhukane nezinduna ngenhloso yokubhunga ngale ngwadla.
Ilungu lomphakathi elicele ukuba kugodlwe igama lalo, lithe bahlezi lubhojozi ngenxa yokubulawa kwabantu kule ndawo.
“Seyijwayelekile le nto yezidumbu ezitholakalayo kule ndawo. Ugcine ungasaqondi ukuthi zilahlwa lapha noma zibulawa khona lapha eNanda,’’ lisho kanjena.
Amaphoyisa aseKZN athunyelwe imibuzo ngalolu daba kodwa kushaye isikhathi sokushicilela engakaphenduli.