USIZI lokuhluphekela amanzi luholele ekutheni kushone ingane yomfana eneminyaka emibili, egwilize emgodini okukhiwa kuwona amanzi eKhula, eMtubatuba.
U-Andile Banele Nkwanyana (2), kuthiwa ugwilize emgodini owambiwa wumndeni wakhe ngaphandle komuzi ukuze bakhe khona amanzi okuwasha ngoba ayantuleka endaweni.
Udaba lokugwiliza komfanyana lushiye abaningi bethuthumela endaweni, bebaza indlela ebuhlungu okushone ngayo ingane. Ubabekazi wengane eshonile uNksz Thabsile Gumede, uthi unina wengane uhambe wayokha amanzi wabuya wangena edlini, ingane yasala idlala emnyango.
“Ibidlala ingane ilokhu ishaya indlu kodwa emuva kwesikhathi kwathuleka kwathi nya, waze waphuma wayocinga ebona ingane ingasekho. Uhambe waze wafika emgodini wamanzi wayifica intanta khona. Sizamile ukumnyakazisa simkhipha amanzi kodwa omakhelwane basho ukuthi akasekho,’’ kusho uNksz Gumede.
Echaza ngosizi lwamanzi uNksz Gumede, uthe babhekene nenkinga enkulu yokungabi nawo amanzi. Uthe awokuphuza nokupheka babuye bawacele komakhelwane abakwazi ukuzifakela amanzi ngezindlela ezibizayo zokuwamba phansi.
“Saze samba lo mgodi ngenxa yakho ukweswela amanzi ngoba ukube sasinawo ngabe asiwumbanga. Siyacela uma kungenzeka sithole usizo lwamanzi ngokushesha ngoba sesihlupheke kakhulu,’’ kunxenxa uNksz Gumede.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa awutholile umbiko ngokugwiliza kwengane.
“Kuvulwe idokodo lophenyo emuva kokuthi umfana oneminyaka emibili egwilize washona esigodini eKhula. Imbangela neminye imininingwane ngesigameko kusaphenywa,’’ kusho uConstable Ngcobo.