NKOSIKHONA CELE
INHLANGANO ekhuthaza ubunye ezizweni ezahlukene, nokuziphatha emantombazaneni nasezinsizweni, Indoni SA izoqala isikole sokucija abantu abasha ngokwamakhono ukuze bakwazi ukuziphilisa.
Lokhu kudalulwe uSihlalo wayo, uDkt Nomcebo Mthembu ngesikhathi begubha usuku olukhulu lwentsha ngomcimbi Inkehli Youth Festival eRichmond, eNdoni Village.
Ngalolu suku bekukade kuhlanganyele ndawonye abantu abasha bezizwe ezahlukene bencintisana ngemidlalo eyahlukene eyayidlalwa kudala. Kuyona kubalwa umagalobhe, umlabalaba neminye.
Bancintisane nangendlamu nangomculo, kwanqoba iqembu Abahliphizi.
UDkt Mthembu uthe kumele balekelelwe abantu abasha abanamakhono ukuze bakwazi ukuwacija amakhono abo ebese besebenzisa wona ukuziphilisa.
Uthe yingakho befinyelele esinqumeni sokuthi basebenzisane nezinye izinhlaka ukuqinisekisa ukuthi acijwa ngendlela efanele amakhono entsha.
Uthe ehlukene amakhono abantu abasha abangaba nawo. Uthe kodwa bazolekelelwa kuwona wonke.
Uthe kungaba elomculo, ukubhaka, noma ke ukuthunga. Uveze ukuthi kunesikole abazosebenzisana naso kodwa abangeke basidalule okwamanje.
"Iqiniso ukuthi kulesi sikhathi esiphila kusona mancane kakhulu amathuba omsebenzi. Ngakho ke kumqoka kakhulu ukuthi abantu abasha bethu sibakhuthaze ukuthi basebenzise amakhono abo ukondla imindeni yabo,'' usho kanje.
Uthe uma abantu abasha sebekutholile ukucijwa ngokwamakhono kumele bafundiswe ukuthi bangangena kanjani ebhizinisini.
"Uma ungumuntu omusha kumele wazi kabanzi ukuthi ikhono lakho ulisebenzisa kanjani ukuze wenze ngalo ibhizinisi,'' usho kanje.
Abantu abasha bathe kuyabajabulela ukuba yiqoqo elisebenzisana neNdoni ngoba bancela kogwansile.
U-Olwethu Matshikiza (14) uthe bahlomula okuningi ngokuthi babe yingxenye yeNdoni.
Uthe bachazwa ukuthi bakhunjuzwa ngamasiko abo kodwa futhi banikezwe nolwazi lokuthi baziphilise.
Induna yendawo, uMnuz Bongani Phoswa ithe kuyajabulisa ukuthi abeNdoni bakubeka eqhulwini ukwenza ngcono izimpilo zabantu abasha bezizwe ezahlukene.
“Kuyawukhulula umoya wami ukubona abantu abasha bakule ndawo engikuyona becijwa amakhono futhi bekhuthazwa ukuba badlale imidlalo eyayibagcina bematasa emandulo,’’ usho kanje.