INDLUNKULU kaZulu izohlangana maduze ibhunge ngezinhlelo zokuthi iSilo esisha uMisuzulu kaZwelithini, agcagcelwe ngaphambi kokuthi agcotshwe ngokusemthethweni esihlalweni sikayise.
Isihlalo sisale emuva kokuthi kukhothame iNgonyama uZwelithini kaBhekuzulu ngoMashi exinwe wukugula, emuva kwalokho kwabekwa ibamba nalo lanqotshwa wukugula.
IMbube entsha imenyezelwe ngoLwesihlanu ntambama esigodlweni KwaKhangelamankengane, lapho ummeli u-Advocate Griffiths Madonsela egagule khona igama layo.
UMadonsela uthe lokhu akushoyo kuyizifiso zendlovukazi uMantfombi Dlamini Zulu, eshiye izibhalile encwadini yefa. Kudalulwe ukuthi esinye sezizathu sokuqokwa kukaMisuzulu wukuthi unina weSilo esisha, walotsholwa yisizwe ngezinkomo ezingu-300 ezaya eSwatini.
Kuvele nokuthi uBayede omusha akagcagcelwe kodwa unayo indodana eyodwa kanti ngokomgomo kaZulu, kufanele agcagcelwe umuntu ngaphambi kokuthatha isihlalo.
UMntwana uThulani Zulu, okhulumela iNdlunkulu kaZulu, uthe kusazoxoxwa ngalezi zinhlelo zokugcotshwa nokugcagcelwa kweSilo. Uthe umndeni usazohlangana maduze noma usuku lungakaziwa. Ukumenyezelwa kweSilo esisha bekwengamelwe wuNdunankulu kaZulu uMntwana Mangosuthu Buthelezi, lapho okusuke khona umsindo kwaze kwaphoqa ukuthi iMbube ikhishwe ngesamagundane eNdlunkulu.
UMisuzulu Sinqobile Zulu uzalwe ngoSepthemba 1974 KwaHlabisa, ezalwa wuNdlukulu okhotheme futhi ungomdala kuye. Ungumshana wenkosi uMswati wesithathu njengoba unina ezalwa wuSobhuza wesibili owayeyingonyama yakhona eSwatini. Ufunde e-U.S kanti uneziqu ze-International Relations. Amaqembu ezombusazwe aseqalile ukukhipha izitatimende zokwamukela ukuqokwa kweSilo esisha phakathi kwawo yi-EFF, ethi kuhle kuhlonishwe izifiso zeSilo esikhotheme. I-IFP ayisalanga nayo ithe iyakwemukela ukubekwa kweSilo esisha yathi isilinde ukuthi sigcotshwe.