USADIDEKILE umndeni kanesi otholwe elenga ngentambo kagesi endlini ehlala abahlengikazi ngaphakathi emtholampilo waKwaMaqumbi, KwaMaphumulo ngoMsombuluko.
UMnuz Talent Ngema (26) waKwaNdaba, khona KwaMaphumulo kuthiwa utholwe omunye abasebenza naye ohambe wayobheka ukuthi kwenzekani ngaye.
Endaweni yesigameko kuthiwa akukho okuningi okutholakele okuchazayo ukuthi ngabe yini imbangela yokuthi azibulale.
Kuvela ukuthi kutholwe ipheshana lapho ebhale khona ukuthi “ngiyakuthanda mngani wami” wabe esebhala kulo ne-pin yamakhadi akhe asebhange. Kuthiwa umuntu abembiza ngomngani wakhe ugogo wakhe omkhulisile, Isolezwe elithole ukuthi uneminyaka engu-86.
Umalume wakhe uMnuz Sizwe Ngema, uthe kwenzeka isigameko nje umufi ubekade enabo ekhaya ngempelasonto.
“Ufike ngesikhathi iqala impelasonto, ebukeke engenankinga. Besizixoxela nje, kukuhle njengenjwayelo. Kuthe ngeSonto, savalelisana kahle, esebuyela emsebenzini. Sithukile sesithola ucingo lokuthi usenze umonakalo ongaka,” kusho uNgema.
Umthombo ocele ukungadalulwa utshele Isolezwe ukuthi umufi bekufanele angene emsebenzini ekuseni ngoMsombuluko kodwa kwangenzeka.
“Uthumelele umphathi umyalezo ebika ukuthi kukhona okungahambi kahle ngakho ucela ukungangeni emsebenzini. Umphathi akazange anakisise ukuthi sekonakele ngaleyo ndlela, uzitshele ukuthi mhlawumbe akaphilile,” kusho umthombo.
Uthi bekuyizithuba zasemini ngesikhathi omunye wozakwabo kamufi ekhetha ukuyobheka endlini yakhe ukuthi ngabe kwenzekani ngaye njengoba engaphumelelanga ukuza emsebenzini.
“Ufike wathola isimanga, emfica elenga ngentambo kagesi ekamelweni lakhe. Bese konakele. Endlini ubengakhiyile ngoba uzakwabo ohambe wayombheka, uvele wawuvula umnyango wavuleka emva kokungqongqoza kungaphenduli muntu,” kusho umthombo.
Uqhuba uthe uzwe kuthiwa nangaphakathi kozakwabo, akukho abaqaphele ukuthi mhlawumbe kuyamudla, njengoba ebelokhu ekhombisa ukuthi konke kuhamba kahle.
Induna yaKwandaba, uMnuz Zazi Mthembu uthe nabo bathukille ngoba umufi ubeyingane ehloniphayo abangayazeli lutho olubheke eceleni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda uthe amaphoyisa aKwaMaphumulo aphenya idokodo lokufa komuntu kulandela isigameko lapho okusolwa khona ukuthi owesilisa uzilengisele emsebenzini.