KUDIDEKE abaningi uDkt Nandipha Magudumana, ngomlomo wabammeli bakhe, etshela inkantolo ukuthi wathunjwa.
Lo dokotela uvele eNkantolo yeMantshi eBloemfontein ngoLwesibili lapho afake khona isicelo sebheyili.
UMagudumane uveze ukuthi uhlose ukuwaphika amacala abekwe wona.
Encwadini efungelwe, uveza ukuthi usaphikisa indlela aboshwa ngayo eTanzania.
Ummeli wakhe uFrans Dlamini ufundele inkantolo incwadi ebhalwe yile ntokazi iveza ukuthi yasatshiswa wumsolwa wesihlanu, uThabo Bester.
“Ngomhla ka-17 Mashi 2023 nganginomsolwa wesihlanu ngesikhathi engiyalela futhi engiphoqa ukuba ngingene emotweni sihambe siye lapho engangingazi khona.
Ngangithukile futhi ngisaba,” kusho umsolwa ngencwadi.
Kuvele enkantolo ukuthi le ntokazi ithi izokwazi ukukhokha imali elinganiselwa kuR10 000 yebheyili.
Waveza nokuthi uzimisele nokuhlala nomngani wakhe ukuze aqikelele ukuthi uyilandela yonke imiyalelo azoyinikwa yinkantolo uma imdedela.
UMbuso uyasiphikisa isicelo sikadokotela sebheliyi, ngelithi angase eqe ezweni angaqhubeki necala abhekene nalo.
Umshushisi, uSello Matlhoko uveze ukungagculiseki ngeqiniso lekheli alinikelwe wumsolwa enkantolo, okuyindawo athe uzotholakala kuyo uma ededelwa ngebheyili.
Uthi umsolwa waqambela uMbuso amanga, wawunika ikheli okungelona ngesikhathi ebekwa amacala.