UKHALE ezimathonsi owesifazane owalimala esweni ethandazelwa enkonzweni, icala lakhe lingangeni enkantolo yaseNtuzuma.
UNksz Thabisile Ntombela walimala Ekuthuleni Zion Church eseNanda ngoJuni nonyaka evakashele kule libandla eyofuna ukuthandazelwa.
Ngesikhathi ethola ukuthi amagama abasolwa awasekho kulawo awabebezovela enkantolo, uNksz Ntombela uvele wadinda isililo.
Ekhuluma neSolezwe uthe akazange akholwe ngesikhathi efika emaphoyiseni aseNanda ethola ukuthi kusenamaphepha angaphelele adingeka enkantolo.
“Bengingazi ukuthi le licala lizoba nezinselelo ezingaka. Ngiphelelwe amandla ngoba ngisho nomseshi walo akazange angazise ukuthi kukhona okushodayo. Manje ngizogoduka ngididekile nokuthi liyoke liqulwe le li cala,” kusho uNksz Ntombela.
Uthe okunye okumdidile ukuthi abasolwa bebengekho enkantolo.
Uphinde wathi umzala wakhe owayekhona ngelanga elimala futhi okunguye owamuyalela le nkonzo yaseNanda ebizwa ngokuthi ise-Ekuthuleni Zion Church, akasafuni ukuba ufakazi kulelicala.
“Lokhu kuyangimangaza ngoba sonke lesi sikhathi ubenami kodwa angeke asaba wufakazi ngesikhathi esibucayi kanje,” kusho uNtombela.