UDIDEKILE unina womfundi otholakale esigangeni eshonile, isidumbu sakhe sinamanxeba okudutshulwa, ngempelasonto eMsinsi KwaSwayimane.
Kuvela ukuthi ngoMgqibelo kutholakale isidumbu sikaMhlengi Mchunu (19) obengumfundi waseSbongumusa High, eduze kwebhuloho eMsinsi.
Unina uNksz Ngethembe Mchunu waseMbava KwaSwayimane, uthe uMhlengi ubesebuyela ekhaya emva kokuvakashela uninakhulu njengoba kuvalwe izikole.
“UMhlengi wahamba ngoMsombuluko odlule. Kwathi ngoMgqibelo ekuseni ngamcela ukuthi abuye ukuze ezoya esikoleni kuleli sonto.
“Bebezohlangana edolobheni nosisi oyisihlobo, ukuze ezomgibelisa emotweni yakhe amlethe endlini. Ngabo-8 ekuseni uMhlengi wangishayela ucingo wathi uyayibona imoto emlandile. Okwathi uma ngishayela isihlobo sangitshela ukuthi asikaze simbone,” kuchaza uNksz Mchunu.
Uthe emva kwesikhashana ezama ukuthola uMhlengi, iselula yakhe yayingasangeni.
“Usisi owayezohlangana naye wangitshela ukuthi ucabanga ukujika ngoba useme isikhathi eside engaqhamuki uMhlengi. Owesilisa oyisihlobo sikayise kaMhlengi waphuthuma edolobheni ukuze bezoqhubeka nokumbheka,” kuchaza uNksz Mchunu.
Uthe badlula baya emtholampilo ukuyombheka khona ngoba uninakhulu ubeke waveza ukuthi ubenenkinga yokuquleka ngenkathi behlezi naye.
Uthe badlulela esteshini samaphoyisa ukuyobika, okuyilapho okwangena khona ucingo olungaziwa lubatshela ukuthi kutholakale isidumbu eduze kwebhuloho eNamba 2.
“Emva kokuthola ucingo ngo-6 ntambama ubhuti oyisihlobo wahamba namaphoyisa ukuyobheka isidumbu.“Bamfica elele eseshonile enamanxeba okudutshulwa futhi bekubonakala ukuthi ubekiwe akazange adutshulelwe khona ngoba igazi belingekho liningi endaweni yesigameko,” kuchaza uNksz Mchunu.
Uthe umndeni usadidekile okwamanje ngoba kawumazeli lutho umufi futhi ubeyingane elungile ezithandela isikole.
“Ngithukile futhi ngidinga ukwelulekwa ngokwenqondo. Njengamanje umndeni udidekile yize silungisela umngcwabo, sikhungathekile asikholwa,” kuchaza yena.
Uthe into emxakayo wukuthi isihlobo esasiyohlangabeza umufi asikaze sizixake ngokuvela emva kokuthola ukuthi kwenzekeni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa ayasiqinisekisa isigameko.
“Ngomhla ka-8 Septhemba 2022 ngo-4.30 amaphoyisa aseMsunduzi athola umbiko ngesigameko sokubulala emgwaqweni uNagledam ngaseMsinsi.
“Ngesikhathi amaphoyisa efika athola isidumbu sowesilisa oneminyaka engu-19 sinamanxeba amaningi okudutshulwa. Imbangela yokubulawa ayikaziwa,” kuchaza uCol Lt Gwala.
Uthe kuvulwe icala lokubulala ukuze kuphenywe.