YESULE isigubhukane iMeya kaMasipala wesifunda Amajuba, eNewcastle uNkk Vuselwa Bam kanti isizathu kasaziwa. Kuthiwa uNkk Bam wesule ngasekuqaleni kwesonto futhi usebazisile abesebenza nabo.
UMasipala Amajuba, usezandleni ze-IFP eyawuhlwitha kwi-ANC ngemuva kokhetho lohulumeni basekhaya ngonyaka odlule.
Isolezwe linomyalezo oputshukile okuthiwa ubhalwe nguNkk Bam azisa ozakwabo ngokwesula kwakhe.
Umbhalo uveza ukuthi owubhalile uthi akaseyona imeya futhi ubabonga bonke asebenzisane nabo kahle, uhumusheka kanje:“Ngibhala lapha ukunazisa ukuthi angiseyona imeya, manje sengingowesifazane okhululekile ocabanga ngokuzimela, ngiyakujabulela ukushaywa wumoya. Ngiyabonga kakhulu ukungeseka kwenu. Ukusebenza nani kusenze saba nokuxhumana okukhulu futhi kudala ukuthi nginikhumbule.”
Okhulumela i-IFP kuzwelonke, uMnuz Mkhuleko Hlengwa, uqinisekisile ukuthi imeya yesulile kodwa wangathanda ukwanda ngamazwi kakhulu.
“Yebo kunjalo kodwa ngicela nilindelele isitatimende kusasa (namuhla),’’ kusho uHlengwa.
Kulindeleke ukuthi isitatimende seqembu sicacise kabanzi ngokushenxa kwemeya. Umthombo owazi izindaba ze-IFP uthe usola sengathi ukwesula kwemeya wushintsho olwenziwe yi-IFP ngezizathu zayo ezaziyo yona ngoba kukancane ukuthi ibingavele izisulele esikhundleni. Kulindeleke ukuthi i-IFP iphakamise igama lomuntu ozovala isikhala semeya njengoba yesulile.
I-IFP iyaziwa ngokungananazi ekuxosheni abasuke bejutshwe ezikhundleni zobumeya uma kukhona okungahambi kahle. Lo masipala uke waba sematheni ngemva kokudutshulwa, kubulawe owayengusomlomo uMnuz Reginald Ndima.
Isikhundla sikaNdima sesivaliwe emuva kokufungiswa kukasomlomo omusha uMnuz S.O Zulu.