SEKUQUBUKE indida ngesinyathelo soMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal sokukhipha izinkontileka ezintsha zabaphakela abafundi ukudla ezikoleni ekubeni ingaxazululiwe eyenkontileka endala lo mnyango onayo nenkampani ebiphakela abafundi, iPacina Retail.
Inkontileka entsha, Isolezwe eliyibonile, okulindeleke isayinwe osonkontileka abasha abaphakayo nomnyango, iqala ngoMeyi 2, 2023 ize iphele ngoMashi 31, 2026.
Kule nkontileka kuyacaciswa ukuthi ingabuyekezwa kuya ngokwezimo zomthetho.
Kwenzeka lokhu nje uNdunankulu wesifundazwe, uNkk Nomusa Dube-Ncube, utshele amalungu esiShayamthetho ngeledlule ukuthi benza konke okusemandleni ukuxazulula indaba yale nkontileka besebenzisana nommeli kahulumeni belandela umthetho.
Okhulumela iPacina, uMnuz Thobani Zikalala, uthe akafuni ukukhuluma ngenkontileka entsha yabanye abantu ngoba akukho okunqamule inkontileka abanayo nomnyango.
Uthe wazi ukuthi basenenkontileka nomnyango.
“Angifuni ukukhuluma ngenkontileka engingayazi. Ayikho inkundla lapho sekunqanyulwe khona inkontileka yePacina noMnyango wezeMfundo esifundazweni,” kusho uZikalala.
Omunye wosonkontileka, okumanje uphakela izikole ocele ukungavezwa, uthe inkontileka entsha abakayisayini nomnyango.
“Sithunyelelwe izinkontileka nabanye ozakwethu eveza ukuthi siqale ngoMeyi, kule nyanga, kanti izoze iphele ngo-2026. Iveza ukuthi ingabuyekezwa ngezizathu zomthetho.”
Usonkontileka uthe balindele umnyango ubabize bayosayina.
“NgoLwesine olwedlule bekuwusuku lokugcina lokuthi silethe izinto zethu zokuphaka ukuze sikhokhelwe. Sithenjiswe ukuthi sizokhokhelwa kuleli sonto imali yokuthi saphaka,” kusho lo sonkontileka.
UNobhala wenhlangano iKwaZulu-Natal Business Forum, uMnuz Xolani Shange, uthe bazibonile izinkontileka ezintsha, wathi bazonxusa osonkontileka ukuthi bazisayine.
Uthe abafuni kube nesimo lapho abafundi bezongadli ezikoleni.
“Inhloso wukuthi abafundi badle. Sizobanxenxa ukuthi bazisayine izinkontileka ezizokhishwa wumnyango.”
Indaba yokuphazamiseka kokuhanjiswa kokudla ezikoleni ngenyanga edlule isuse omkhulu umsindo njengoba emakomitini amaningi oMnyango wezeMfundo, okubalwa nasePhalamende, isakhulunywa namanje.
UNkk Dube-Ncube uchithe imibiko yokuthi kunezikole ezingadli esifundazweni emva kwale nkinga.
Imizamo yokuthola ukuphawula komnyango esifundazweni ayiphumelelanga.