SIYINDABA egudwini kumalungu omphakathi wase-17 eMlaza isehlakalo sokutholakala kwesidumbu somuntu sikhishwe ikhanda emathuneni akule ndawo.
Kuvela ukuthi ngoLwesine amaphoyisa anikele kule ndawo ngemuva kokuba elunywe indlebe ngokuthi kukhona isidumbu esimbiwe sasuswa ikhanda kwahanjwa nalo.
Kuvela ukuthi amaphoyisa efika endaweni yesigameko, afice ibhokisi lingaphandle komgodi.
Kuthiwa bekugcwele igazi endaweni yesigameko phansi njengoba kubonakale sengathi ikhanda lijuqulwe khona emathuneni. Isidumbu besingaphandle kwebhokisi.
Umthombo okhulume neSolezwe Ngempelasonto ukhona endaweni yesigameko, uthe lokhu abakubonayo akujwayelekile nhlobo.
"Njengoba ngikhuluma nawe nje bhuti, ngikhona lapha. Nali ibhokisi phambi kwami, isidumbu sijuqulwe ikhanda. Ikhanda akwaziwa ukuthi lithathwe lase liyiswa kuphi,'' usho kanje.
Isidumbu kuvela ukuthi ngesomuntu wesilisa futhi singcwatshwe ngoMeyi 12 kuwona lo nyaka.
Kuvele ukuthi lesi sidumbu ngesomuntu obephila nokukhubazeka njengoba impilo yakhe yonke ubengaboni emehlweni.
Kuvela ukuthi bakhona nabanye abangaboni emehlweni emndenini wakubo, okuthiwa babehlala kwa-U, eMlaza kodwa base befudukela, eKapa.
Umphakathi osondelene nalawa mathuna okhulume neSolezwe Ngempelasonto uzwakalise ukukhathazeka okukhulu ngalokhu okwenzekile.
Amalungu omphakathi acele ukuba kugodlwe amagama awo, athe ayathuthumela uma ecabanga ngalento eyenzekile.
Abuze ukuthi aphephe kangakanani amathuna ezihlobo zawo uma kuzoba nabantu abangena kalula nje emathuneni, bambe igodi bese benukubeza isidumbu.
Ngaphambilini kuke kwaba namahemuhemu okuthi isidumbu sisuswe nezingalo, okugcine kutholakale ukuthi akunjalo.
"Imbi kakhulu lento esiyibone yenzeka kulawa mathuna. Uma ingasukunyelwa kuyacaca phela ukuthi kusazombiwa ezinye izidumbu kule ndawo,'' kukhalaza ilungu lomphakathi.
Elinye ilungu lomphakathi likhale ngokuthi umndeni uzwiswa ubuhlungu besibili njengoba isidumbu sesiqale phansi sayiswa emakhazeni.
Bakhale kakhulu nangokuthi sekumele kube khona abantu abawaqaphayo amathuna ukuze kugwemeke izehlakalo zalolu hlobo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, ecashunwa yi-IOL, uthe amaphoyisa abizelwe endaweni yesehlakalo azithela phezu kwethuna elimbiwe. Uthe athole nokuthi ikhanda belinqunyiwe.
“Kuvulwe icala lokumbiwa kwethuna ngokungemthetho nokunukubezwa kwesidumbu,” kusho uNetshiunda.