BASADIDEKILE ngokufa kukadado obeqala ukufika enkulisa, olale emuva kokudla wangabe esavuka.
Lesi sigameko kuthiwa senzeke eZwelisha, eVerulam ngoLwesibili.
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uNkk Nonhlanhla Khoza, udlulise amazwi enduduzo emndenini womfanyana onezinyanga eziyisishiyagalolunye.
Uthe kubuhlungu kakhulu okwenzekile njengoba udado ezumekile emuva kokudla, kwathi uma uthisha wasenkulisa ehlola izingane ezilele, wathola ukuthi akanyakazi.
Kuthiwa kuthe noma bezama ukumvusa abasebenzi basenkulisa kwangenzeka lutho.
Babize abosizo oluphuthumayo nabo abafike nemishini yabo bazama ukumvusa kodwa akazange esavuka.
UNkk Khoza uthe ushaqekile ngalesi sigameko futhi inhliziyo yakhe ibuhlungu ngendlela engachazeki.
Ucele amaphoyisa ukuthi aluphenyisise lolu daba njengoba ingane ishone isenkulisa.
“Sishaqekile ngokushona kwengane enkulisa kodwa sesithemba amaphoyisa ukuthi yiwona azophenya kabanzi ngokwenzekile,” kusho uNkk Khoza.
Uthe umndeni nomphakathi bafuna ukwazi ukuthi kwenzekeni, ngabe ingane ishone ngenxa yokunganakwa noma kunokudembesela okwenzekile, noma yisiphi isizathu esiholele ekushoneni kwayo.
Uthumele osonhlalakahle ukuze baluleke umndeni oshonelwe yingane, wacela nomphakathi ukuthi weseke umndeni kulesi sikhathi esinzima.
Inhlangano eqapha ezokuphepha ibuye ilethe nosizo oluphuthumayo, iReaction Unit yiyona efike kuqala endaweni yesigameko. Ithe amaphoyisa ayaphenya.