INDIDA ngokushayisana kwezitatimende zabaholi ababili abaqavile be-ANC ngodaba olulodwa. Umphakathi uyazibuza uyaziphendula ngokuthi, engabe ngubani okhuluma amanga phakathi kukaNobhala we-ANC nePhini likaMengameli wale nhlangano.
Emasontweni ambalwa edlule, kusanda kwenzeka isigameko sokushaywa kwabalisa ababehamba ngeVW Polo emgwaqweni omkhulu eGoli, beshaywa ngabaqaphi bePhini likaMengameli uPaul Mashatile, uNobhala-Jikelele we-ANC uFikile Mbalula wavela kwithelevishini elibeka ngembaba elokuthi uMashatile wayekhona naye ngosuku lwesigameko.
Engxoxweni abe nayo noJJ Tabane izolo ongumethuli wohlelo kwithelevishini, uMnuz Mashatile uphumele obala wathi yena wayengekho ngosuku lwesehlakalo.
“Okunye okumele abantu bakwazi wukuthi izimoto azimi ndawo, mina ngangingazi ngesigameko kodwa ngasho ukuthi kumele kuphenywe ngalesi sigameko, ngavuma futhi ukuthi laba ngabaqaphi bami,” kusho uMashatile kulolu hlelo.
ElInye lamaphoyisa eliboshiwe, ngesikhathi lethula ubufakazi lakuveza ukuthi babevikela iPhini likaMengameli njengoba le VW Polo yayikhombisa ukuba yingozi empilweni yakhe. Amaphoyisa kaMashatile aphume ngebheyili kaR10 000 umuntu emunye namhlanje.