ZISASHAQEKILE namanje izihlobo zomngani ogwaze wabulala omunye emqashweni wakhe kwaH eNtuzuma, ngoLwesihlanu.
UNksz Fezeka Dlamini (32) obeqashe kwaH kodwa ongowokuzalwa eMtshezi, kuthiwa ubulawe ngowesifazane obengumngani, bengamathe nolimi naye. Kuthiwa umgwaze ngommese wokupheka.
Ziningi izinto ezikhulunywayo okuthiwa ziyimbangela yokubulawa kwakhe.
Udaba lokuphuma kwesidumbu sikhishwa ngumngani, belukhulunywa nasezinkundleni zokuxhumana.
Abanye bathi umsolwa ucasulwe ukuthi umufi okuthiwa ubenemali, ubesethi useyolala yena kanti umsolwa ubesafuna kuqhutshekwe kuhlalwe kuphuzwe.
Abanye bathi bekubangwa imali yokuqasha.
Isolezwe likwaze ukuthola udadewabo kamsolwa, uNksz Sanelisiwe Ngqeqe (39) othe umsolwa uyamlama.
Uthe namanje isajama ingqondo uma ethi uyaqala uyacabanga ukuthi kwenzeke kanjani ukuthi udadewabo omncane, abulale umuntu abebengamathe nolimi naye.
“Umufi wafikela ekhaya ngesikhathi ezozama impilo eThekwini. Uhlale iminyaka engu-15 ekhaya ngaphambi kokuyohlala emqashweni. Baqala lapho ukuzwana nodadewethu,” kusho uNksz Ngqeqe.
Uthe ukuhlala emqashweni ubesanda kuqala.
Uthe ngisho abantu bakubo kamufi, bebethi uma bezobheka amatoho eThekwini, bebefikela kubo sekungathi bangumndeni.
Echaza ngokuzwana kukamufi nomsolwa, uthe bese kungathi bayazalana.
“Umuntu obengazi, ubezitshela ukuthi yizelamani. Esikhathini esiningi udadewethu ubekuthola kulula ukuvuleleka kumufi kunokuthi avuleleke kimi ngingowakwabo,” kulandisa uNksz Ngqeqe.
Uthe emva kokwenzeka kwesigameko, ushayelwe ucingo yizingane zakwabo ezimelamayo njengoba bengasenabazali futhi kunguye omdala, wathi abamtholanga ocingweni kwaze kwaba ukuthi baya eZimangweni, lapho ahlala khona.
“Ngifike endaweni yesigameko esethule umufi, udadewethu esethathwe ngamaphoyisa, kugcwele inqwaba yabantu,” kusho uNksz Ngqeqe.
Uthe ugcine engayizwa imbangela ecacile yokuxabana kwabo.
“Ngizwe kancane kuthiwa bebebanga imali ye-rent kodwa ngazibuza ukuthi bayibanga kanjani imali ye-rent udadewethu enekhaya esalishiyelwa ngabazali bethu kwaM. Ngizibuze ukuthi yini emhlanganisa nemali ye-rent?” usho kanje, wathi uhlela ukuphindela khona endaweni yesigameko ayoqala phansi abuze ukuthi bekubangwani.
Udalule ukuthi umufi nomsolwa bebefika ezinkambeni zikaFaro futhi bekuke kwenzeke ukuthi baphikisane ngamazwi.
“Kodwa ubuthi uyababona ngakusasa, sebeyazwana, sebeyahleka, usungaphika ukuthi ngayizolo bebeke baphambana ngemibono,” kuchaza uNksz Ngqeqe.
UNksz Ngqeqe ubelokhu ekhale njalo ngelithi noma ngabe kuthi bese kufike isikhathi sokuthi umufi ashone kodwa “ubese angaze ahambe ngesandla sikadadewabo pho?”
Ukhale nangokuthi umsolwa njengoba eboshiwe nje, ubashiye nengane enezinyanga ezinhlanu, eyazalwa singakashayi isikhathi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uthe amaphoyisa aseNtuzuma abophe owesifazane emva kokusolwa ngokugwaza umngani wakhe washona emgwaqweni uMartin Gumede kwaH eNtuzuma, ngoLwesihlanu.
“Kuthiwa umufi ubesemqashweni wakhe nomngani bephuza ngesikhathi kusuka ingxabano. Kuthiwa umsolwa ugwaze umufi washona. Uboshwe ngamaphoyisa, kanti uzovela enkantolo namuhla,” kusho uNetshiunda.