ZICHITHIWE izinsolo ngokukhwatshaniswa kwemali ewuR1, 4 million kaMasipala Okhahlamba, ebihlelelwe umcimbi wokugubha usuku lwamalungelo abantu.
IMeya kaMasipala uMnuz Vikizitha Mlotshwa, izolo ikhuluma esithangamini nabezindaba, ithe kungamampunge ukuthi imali yakhwatshaniswa.
UMlotshwa uthe imali isetshenziselwe umcimbi wayizolo obuseNgoba, lapho bekukhunjulwa abantu ababulawa ngezikhathi zobandlululo. Uqhube wathi kwahlungwa izicelo zezinkampani ezahlukene ukusingatha umcimbi owawuhlelwe wumasipala ngokubambisana nomnyango wezoBuciko KwaZulu-Natal kepha wahoxiswa.
"Zazintathu izinkampani ekwakuhlungwa kuzo, kwacaca ukuthi kuzophasa ebize imali encane uR1. 4 million, okuthiwa waduka. Abantu abanezinhloso zabo abazakhela lokhu, kwaze kwasayinwa namaphepha angekho emthethweni. Kukhona umsebenzi kamasipala abasebenzisana naye ukuthola konke ngohlelo ukuze bahlanganise amaphepha. Leyo mali ayidukile, siyisebenzisele umcimbi obuseNgobe," kuchaza uMlotshwa.
Echaza mayelana nezinkinga eziqubuke ngoLwesithathu kudingidwa ngesabelomali, uveze ukuthi bekunabathile ebebezama ukudunga umhlangano.
"Ngeke sikhulume kakhulu ngabantu abahlulwe yivoti kodwa lokho abebekwenza akuphumelelanga ngoba sisiphasisile isabelomali. Abantu mabangakhathazeki, njengokusithuma kwabo sizoqhubeka nokusabalalisa izidingo emphakathini," kusho uMlotshwa.
Imeya igcizelele ukuthi ngamalungu athile amaqembu aphikisayo anenkinga kodwa basasebenza ngokubambisana njengabaholi nephini lakhe le-ANC.