BANGASE badilizwe abasebenzi benkampani ehluza u-oyela KwaZulu-Natal, iSapref njengoba bethole izincwadi ezibazisa ukuthi inkampani ayenzi kahle.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngoNovemba 2020 iSapref ephethwe yiShell neBP yaveza ukuthi ifuna abatshalizimali abasha ngoba ihlela ukuphuma kuleli bhizinisi.
Ibe isiqala ukubafuna kanti ngoMashi walo nyaka iye yama ukuhluza u-oyela njengoba ibixoxisana nabafuna ukuthenga amasheya.
Kusukela ngaleso sikhathi iye yashintsha indlela esebenza ngayo.
Ngeledlule abasebenzi batshele Isolezwe ukuthi bathole izincwadi ezibazisa ukuthi inkampani ayenzi kahle ngakho izoshintsha indlela esebenza ngayo. Lokhu bathe kuzokwenza ukuthi kudilizwe abasebenzi kodwa okwamanje abazi ukuthi bangaki abazothinteka.
UNksz Mpume Mbambo obhekele ezakwaNdabazabantu eSapref, uthe le nkampani isaxoxa nabazimisele ukuthenga amasheya eShell neBP ngakho akukho okutheni abazokusho okwamanje.
Uthe ngesikhathi sezikhukhula iSapref yangenwa ngamanzi awu-3 metres amosha ingqalasizinda kanti aphazamisa nezingxoxo ebese ziqalile.
“Izingxoxo zisaqhubeka kodwa asazi ukuthi isiphetho sazo sizothini. Okwamanje abaphathi beSapref baxoxa nabasebenzi. Uma izingxoxo nabasebenzi seziphothuliwe sizokwenza isimemezelo, ayikho eminye imininingwane esingayikhipha okwamanje. Sizokwenziwa isimemezelo ngekusasa leSapref ngesikhathi esifanele,” kusho uNksz Mbambo.