SEKUQUBUKE imvunge kwiNFP emva kokuvela kwezindaba zokuthi ilungu lalenhlangano ePhalamende, uMnuz Shaik Emam, wamukele isimemo seDA ehlela imbizo lapho kuzodingidwa khona amasu okuvimba ukuthi umbimbi lwe-ANC ne-EFF lungazithathi izintambo zombuso emva kokhetho lwangonyaka ozayo.
UMnuz Emam ungomunye wabaholi asebezibophezele ekubeni yingxenye yeDA lapho kuzoxoxwa khona eyokubusa ngokubambisana emva kokhetho ukuze kuvinjwe ukuthi i-ANC ingabuyeli emandleni.
Lokhu sekuhlukanise phakathi amalungu eNFP njengoba amanye ethi awahambisani nokusebenzisana neDA.
Ngesonto eledlule iNFP yathatha isinqumo sokuthi izosebenzisana ne-ANC komasipala baKwaZulu-Natal.
Amalungu eNFP angeneme athe isinqumo sika-Imam siphambene nokwavunyelwana ngakho emhlanganweni wangesonto eledlule.
Umholi weNFP eZululand uMnuz Siphamandla Ntombela, uthe isimemo seDA bekufanele sixoxwe ngamalungu eqembu, u-Emam angazithatheli isinqumo eyedwa.
“Lendaba asikaze siyixoxe ngisho ejoyintini, isinqumo nje somuntu oyedwa ozicabangela yena yedwa. Akukwazi ukuthi kungasuka umuntu oyedwa athi siyingxenye yezingxoxo neDA ekubeni thina njengamalungu eqembu singakaze siyixoxe lendaba.”
Phakathi kwabaholi asebezibophezele ekutheni bazokuba ingxenye yalomhlangano weDA kubalwa nomengameli we-IFP uMnuz Velenkosini Hlabisa.
UNtombela uthe bona njengeNFP angeke bangene ezingxoxweni neDA ne-IFP ekubeni bengakaze bakhumelane umlotha nalamaqembu.
“Siyahluleka ukusebenzisana nalamaqembu komasipala ngoba kukhona ifinjwana elingakaze liqaqwe phakathi kwethu. Akukwazi- ke ukuthi kungathi sihluleka ukusebenzisana komasipala bese kuthiwa sizosebenzisana kuzwelonke.
”Sisadinga ukuthi kuqale kube khona inhlambuluko phakathi kwethu nalamaqembu ngaphambi kokuthi singene ezingxoxweni zokusebenzisana,”kusho uMnuz Ntombela.
U-Emam usivikele isinqumo sakhe ngokuthi ukuya kwakhe emhlanganweni weDA akusho ukuthi usezosebenzisana nayo.
“Indlela iDA eyibeka ngayo lento iyadukisa. Esimemweni abazange basho ukuthi siyokhuluma ngokuketula i-ANC, kodwa bathi siyokhuluma ngokuthi singazilungisa kanjani izinkinga esibhekene nazo njengezwe.
“Yingakho ngizokuya kulomhlangano wabo ngoba ngifuna ukuza nezixazululo ezinkingeni ezibhekene nezwe. Uma kuwukuthi angihambisani nokuzokube kuxoxwa emhlanganweni, ngizowushiya,” kusho uMnuz Emam
Unobhala jikelele wobuholi beNFP obahlakazwa yinkantolo, uMnuz Canaan Mdlesthe, uthe akukho okubi uma u-Emam eya kulomhlangano.
“Umenywe njengelungu lePhalamende, akukho okubi ngokuyolalela ukuthi kuthiwani,” kusho uMnuz Mdletshe.
Uthe yize bengenankinga nokuthi u-Emam ayolalela okuzokube kuxoxwa kulomhlangano, kepha bamile ekutheni angeke bakwazi ukusebenzisana neDA, Freedom Front Plus ne-IFP.