UMASIPALA wesiFunda iZululand uthi sekuyihaba ukuthi kuntshontshwe uR33 million ebhange lawo kodwa kukhona ozame ukungena kulona ngokungemthetho wagcina engaphumelelanga. Umasipala ubuphendula isitatimende se-EFF KwaZulu-Natal, ebesithi ifuna uphenyo ngokunyamalala kwemali.
UMasipala iZululand ozinze oLundi, usezandleni ze-IFP ewuphethe ngomshado wamanye amaqembu emuva kokushoda kwamavoti okhethweni lohulumeni basekhaya ngo-2021.
I-EFF ithe kufanele kuphenywe kabanzi ukuthi lokhu kwenzeke kanjani ngaphandle kokuthi kuvinjwe.
“Sifuna uphenyo olunzulu emuva kokuthi uR33 million ukhishwe ngokungemthetho ebhange lomkhandlu. Kuyakhathaza ukuthi kungavele kwenzeke umlingo nje, kuphume imali engaka kujike kungaziwa ukuthi iphume kanjani,’’ kusho abe-EFF.
Umasipala uthe uthintwe yibhange liwazisa ukuthi kukhona oke wazama ukungena emalini yawo kodwa bakwazile ukusheshe babone.
“NgoDisemba 27, 2023, imenenja kamasipala, uMnuz Ntokozo Hlongwa, ithintwe yibhange i-ABSA ophikweni lwayo olulwa nokukhwabanisa, liyazisa ukuthi kukhona ozame ukungena emalini yomkhandlu. Uphenyo lwangaphakathi ebhange luyaqhubeka, kanti livuliwe icala oLundi. Akukho mali ekhishiwe nathi sizolinda imiphumela yophenyo,’’ kusho abaseZululand.
Nakuba kunjalo, i-EFF ithi impela yona ikhuza umhlolo ifuna ukuthi kuphenywe kabanzi ngalolu daba ngoba isola ukuthi kukhulu okuthimulisayo.
“Lolu daba lubucayi kabi futhi lokhu kuwukuphambana nemithetho yokuphathwa kwemali yomphakathi. Kukhona nenkinga yokuthi abantu benza izinto bangathathelwa zinyathelo, bangaphenduli ngemikhuba yabo,’’ kusho i-EFF.
Ithe ibheke ngabomvu konke okwenzekayo ngoba kubhekwe okhethweni nje, igadile ukuthi kungasebenzi imali yomphakathi ukuqhuba imikhankaso yamaqembu yokhetho.