LUSEYINKIYANKIYA udaba lwesidumbu sowesifazane esitholakale sinqunywe ikhanda labekwa eceleni kwaso, kwabekwa nombhundu wemali khona endaweni efanayo, kwashiywa kanjalo. Umphakathi waseHlobane, eVryheid, usale nemibuzo engaphendulekile ngesikhathi umuntu obeyotheza ezithela phezu kwawo lo muga.
Babodwa abasale besola ukuthi cishe kukhona umkhuba obugilwa ophathelene nokuthakatha. Lowo obeyotheza kuthiwa ushiye izinkuni lezo wakha phansi ngejubane eyohlaba umkhosi ngalokho akubonile.
Kuthiwa lesi sigameko okuphuzwa ngaso itiye, kwabizwa amaphoyisa kwaphuma namalungu omphakathi eyozibonela, ebabaza umhlolo. Bebebodwa abasho khona ukuthi bazizwa bengasaphephile uma kutholakala into enje.
Isolezwe Ngempelasonto lithole ukuthi ukutholakala kwezidumbu kuvamile ukwenzeka kodwa ukuthi sinqunywe ikhanda lehlukane nomzimba kubekwe nemali, kudida kakhulu. Okunye okuqaphelekile wukuthi isidumbu kuthiwa noma bese sonakele kodwa bekubonakala ukuthi sinamanxeba okungacaci noma awokugwazwa.
Okunye okukhulunywayo endaweni wukuthi kusolwa ukuthi isidumbu ngesowesifazane thizeni owaduka wangaziwa ukuthi ushonephi. Kuthiwa ngesikhathi amaphoyisa efika, aceliwe ukuthi aphenye kabanzi ukuthi akuyena yini futhi kucace ukuthi kwenzekeni, kuboshwe umenzi wobubi ukuze bakhululeke abantu endaweni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uContsable Thenjiswa Ngcobo, uthe lukhona udaba lokutholakala kwesidumbu nekhanda olusetshenzwa ngamaphoyisa aseHlobane azama ukuthola iqiniso ngokwenzekile.
“Amaphoyisa aseHlobane ayaphenya emuva kokuthi isidumbu sowesifazane olinganiselwa eminyakeni engu-40 ubudala, sitholakale nekhanda.
“Lo wesifazane wayebikwe emaphoyiseni njengolahlekile ngenyanga edlule. Isidumbu sakhe sitholakale eduze kwekhanda,’’ kusho uConstable Ngcobo.
Ngesikhathi siloba amaphoyisa abengakabophi muntu maqondana nesigameko.
Leli phephandaba lihoshe ukuthi isidumbu, yikhanda konke nemali, kuthathwe ngamaphoyisa ukuyocutshungulwa kabanzi, kuthunyelwe nesidumbu siyohlolwa kutholakale ukuthi kwenzekeni kumufi.