LIZOBUYELA ngoMeyi 9, eNkantolo yeMantshi yaseMzimkhulu, icala lowesilisa (20) osolwa ngokubulala ngesihluku isaguga saseClydesdale, eMzimkhulu, ngeledlule.
Kuthiwa isidumbu sikaNkk Nokubonga Rose Memela (89) sitholwe sishisiwe egumbini lakhe lokulala ngoLwesibili, kanti kusolwa ukuthi umsolwa ovele enkantolo ngoLwesine, uqale wamdlwengula umufi ngaphambi kokuba amklinywe aphinde amshise.
Umzukulu kagogo, uNksz Vuyokazi Memela othe namanje basasezinhlungwini, uthe umsolwa ubabulale bephila ngokubulala ugogo wakhe ngesihluku.
“Sithandazela ukuthi kwenzeke ubulungiswa njengoba umsolwa eboshiwe. Into asenze yona singumndeni ibuhlungu. Ugogo ubefana nomama kithi, ubeyikho konke,” kusho uNksz Memela.
Uchaze umufi njengomuntu obewusizo emphakathini, waveza ukuthi kwayena umsolwa ubeke azofuna usizo kuye.
“Ubehlale efika ezocela ukukha amanzi ekhaya, ugogo amvumele ngaphandle kwenkinga kodwa ekugcineni ubone kugcono ambulale ngesihluku,” kubeka uNksz Memela.
Uqhube wathi babonga abantu balapho abeqashe khona umsolwa, okuyibo abaholele ekutheni agcine eboshwa emva kwesigameko.
“Emva kwesigameko, baqale baqaphela ukuthi wenza izinto ezingajwayelekile, bangagcina lapho, baphinde baqaphela nokuthi ugqoke izicathulo zakhe (ugogo). Bamvalele ekhoneni bembuza imibuzo,” usho kanje.
Ugqube wathi bathe uma bebona ukuthi ubanika izimpendulo ezingagculisi, bathi bazomqhuba bamhambise emndenini kamufi.
“Kuthiwa uvele wacela ukuthi uma eyiswa khona, okungenani kubizwe amaphoyisa kuqala, nokuyilapho okuvele khona ukuthi kukhona akwaziyo ngesigameko,” kusho yena.
Elandisa ngokwenzeka kwesigameko, uthe senzeke esathathwe yindlela yamatoho eThekwini.
“Ngithole ucingo ngezikhathi zasekuseni ngosuku lwesigameko, omakhelwane bengazisa ukuthi kuyasha ekhaya. Baphuthume baya khona, bathi uma befika, bathola ukuthi ugogo ushile egumbini lakhe lokulala.”
Uqhube wathi basola ukuthi umsolwa isigameko usenze khona ngezikhathi zasekuseni.
“Isidumbu sikagogo besibekwe phansi eduze kombhede wakhe. Eshile, kwasha nombhede nezinye izimpahla ebezisegumbini lakhe lokulala,” usho kanje.
Ngesikhathi evela enkantolo umsolwa ngeledlule, kuthiwa uyinqabile ibheyili.
IMeya kaMasipala waseMzimkhulu, uNkk Jabulile Msiya, ithe abesifazane bendawo bathutheleke enkantolo, bafike bamasha, bezwakalisa ilaka labo ngesigameko besho nokuthi abafuni umsolwa adedelwe ngebheyili.
Uqhube wathi okwenze bamasha ukuthi abamdingi endaweni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseMzimkhulu abophe owesilisa ngecala lokudlwengula, elokubamba inkunzi nelokubulala owesifazane osemdala amhlasele kwakhe.
Uthe umsolwa uvelile enkantolo, wagcinwa esitokisini.