KUVUKE amanxeba amadala, esalukwazini esithole usana lulahliwe esithi naso sehlelwa wumshophi ofanayo silahlwa wunina sinezinsuku ezintathu kuphela sizelwe.
UNkk Cebile Nsele (66) waseNanda, eNewtown A, ozithele phezu kosana lushiywe kuveranda kamakhelwane, ekhuluma neSolezwe, uthe ukholwa ukuthi okwenzekile kuyicebo likaNkulunkulu ekutheni abuyisele isihe asitshengiswa ugogo wakhe emva kokutholwa elahlwe esidulini wunina enezinsuku ezelwe.
Lolu sana olutholwe ngesonto eledlule, kuthiwa kuboshwe unina ona-38 waseNtuzuma, obekulindeleke ukuthi avele enkantolo yemantshi ngoMsombuluko. Kugcine kwenzeke ngendlela engaqondakali njengoba igama lakhe belingaveli ohlwini labebezobingelela inkantolo, okushiye amalungu omphakathi abekulindele ngamehlo abomvu ukuvela kwakhe edidekile. Ngesikhathi Isolezwe lihambele kule nkantolo, amalungu omphakathi abelokhu elindele ukubizwa kwegama lakhe, ahlale kwaze kwashaya isikhathi sokuvalwa kwezinkantolo, lutho ukuvela nokuthola ukuthi kwenzekeni ngaye.
Engxongxweni kaNkk Nsele neSolezwe, uthe ukuthola kwakhe lolu sana obelusanosuku luzelwe kubhibhise izilonda ebesezaphola, ngomlando axoxelwa ngawo wokuzaleka kwakhe.
“Ngithe uma ngiluthatha kwabuya bonke ubuhlungu njengoba belukhala. Ngiludlulisele kundodakazi yami lwanamathela lwathula sengathi likunina. Ngiyafisa ukuthi ngisale sengiluthatha ngiludlulisele endodakazini yami ngoba ngibonile amagazi abo ayemukelana,” usho kanje.
Uthe uxoxile nonina womsolwa ngokutholakala kosana, wamcela ukuthi asale eseluthatha kube olwakwakhe, ekhala ngokuthi yena akahlali ekhaya, uyasebenza futhi akazi uzolunakekela kanjani njengoba indodakazi yakhe ivele inezingane eziningi. Ngokuthola kweSolezwe, umsolwa unamasu ayisishiyagalolunye kanti kuthiwa cishe ziyisikhombisa izingane zakhe eziphilayo.
Elandisa kafushane ngempilo yakhe, uNkk Nsele uthe unina omzalayo wayethathwe ukuyosebenza emzini othile eGoli wafika wakhulelwa wathola yena. Uthe ngenxa yokuthi wayekhuleliswe ubaba wakamakhelwane, owesifazane owayemsebenzela waphoqeka ukumposa nengane eyayinezinsuku ezintathu izelwe, wayishiya esidulini ngakubo eNgwavuma, washaya wachitha kanti kukhona abambonile babikela unina wazithathela yona wayikhulisa.
Kuthiwa usana luyelashwa esibhedlela i-King Edward VIII, livele selingaphansi kweso losonhlalakahle.