KUNZIMA emndenini womfundi, oduke ekuqaleni konyaka izinsalela zesidumbu sakhe ezazilokhu zitholakala ngamancozu, zithukuswe emhlangeni ososebeni lomfula, eMelville, KwaDukuza.
UPhilasande Shange (7) owabulawa ngesihluku, ngoJanuwari, ngaphambi kokuthi kuvulwe izikole, ubhekene nezinkinga njengoba namanje usabhacile emva kokuthola imiyalezo eyayiwusongela ngokuwenzakalisa. Ngaphezu kwalokho, usahleli emakhandleleni kwazise izinsalela zesidumbu zelungu lawo zisaduve emakhazeni, kulindwe imiphumela yolibofuzo.
Udadewabo kanina kamufi, uNksz Ntombi Shange, uthe bukhulu ubuhlungu obubhekene nomndeni, ikakhulu unina njengoba bonke bagcina ngokuthi basuke eNtshawini, lapho babakhe khona ngaphambi kwesigameko, babhaca ezihlotsheni ngenxa yama-SMS ayebasongela. Okwenza isimo sibe sibi kakhulu ukuthi kuze kube yimanje abakangcwabi njengoba sekubalwa izinsuku kuphele unyaka lesi sigameko senzeka.
“Okubuhlungu ukuthi asaziswa lutho ngokuqhubekayo, noma siya esiteshini samaphoyisa, kuvele kuthiwa icala seliphethwe abanye abangaphezulu. Okokungcwaba ingane, emaphoyiseni bavele bathi nabo abazi njengoba kusalindwe imiphumela yolibofuzo,” kubalisa yena.
Uthe ngenxa yalesi simo, amalungu omndeni - ikakhulu uninakhulu wengane - usehlala ngokugula okukholakala ukuthi kungenxa yobuhlungu obudalwa wusizi ababhekene nalo. Uthe okubuhlungu ukuthi akusekho nemali yokulungiselela umngcwabo kwazise bese behlanze ngedela ngokufihla ingane yabo kangangoba abakudingayo ukugcina nje usiko ngokuyifihla ngesizotha futhi ngenxa yesimo osekuyokuba yinto yomndeni.
Umufi wayephasele u-Grade 2 eMelville Primary. Wagcina ukubonakala ngoJanwari 5, 2023, okuthiwa wayethunywe u-anyanisi esitolo ngumakhelwane. Ngesikhathi umphakathi, amaphoyisa nomndeni bematasa bethungatha lo mfundi okwase kuphele izinsuku ezine elahlekile, elinye ilungu lomndeni kuthiwa lathola i-SMS evela enombolweni engaziwa ibayelela lapho kuthukuswe khona izinsalela zomzimba. Baya lapho abafica kubekwe ikhanda nengalo.
Ngokuhamba kwesikhathi baphinde bathola enye i-SMS eyabaholela kwezinye izicubu zomzimba ezase zithanda ukonakala okukholakala ukuthi ezikamufi, nazo zazithukuswe emhlangeni osebeni lomfula.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColone Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa asaphenya, akukaboshwa muntu.
Ngesikhathi ememezela izibalo zobugebengu zekota yesibili ka-2023/024 ngenyanga edlule, uNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele, uthe ingwadla yokusilela emuva ngeminyaka emibili kumasampula olibofuzo angu- 240 000 obekumele enziwe, seyiphelile, eqinisekisa ukuthi umsebenzi sewuqhubeka ngendlela ejwayelekile.