KWENYUKILE ukukhathazeka ngesimo sempilo kaNdunankulu kaZulu, Inkosi Mangosuthu Buthelezi, ngemuva kokuvela ukuthi ubuye wakhinyabezeka kwabelashelwa khona nokuholele ekutheni agcinwe esibhedlela kuze kudambe izinhlungu.
Izolo, iSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini, sibe yingxenye yabantu abafisele uButhelezi ukwelulama.
Esitatimendeni esikhishwe umndeni izolo, kuvele ukuthi kube nokuthize okuphazamise ukwelashwa kukaButhelezi nokuphoqe ukuthi adinge ukunakekelwa esibhedlela.
Okhulumele umndeni wakwaButhelezi, uDkt Bhekuyise Ngqengelele Buthelezi, uthe bayabonga kubo bonke abathumela imilayezo nangemikhuleko efisela uShenge ukwelulama.
“Isikhathi azosihlala esibhedlela sizoncika ekutheni umzimba wakhe uzokwazi kangakanani ukululama kulokhu okusha osekuvelile. Egameni loMntwana waKwaPhindangene nomndeni wonkana sithanda ukubonga labo abathumele amazwi okufisela uMntwana ukwelulama.”
Uqhube wathi bazoqhubeka nokwazisa isizwe ngesimo sikaButhelezi.
“Njengoba uMntwana ezogubha iminyaka engu-95 azalwa ngasekupheleni kwale nyanga, sinxusa isizwe ukuba simnikeze ithuba lokululama. Singakuqinisekisa ukuthi uthola usizo lwezempilo olufanele.”
Okhulumela iHhovisi leSilo, uMntwana u-Africa Zulu, uthe abakungabazi ukuthi uButhelezi uzolulama.
“Ngiyamazi uMntwana waKwaPhindangene ungumuntu ozilwelayo, uzokunqoba lokhu kugula. Sizoqhubeka nokumbeka emthandazweni futhi iSilo sinxusa sonke isizwe ukuba simthandazele. Kuyisifiso sethu ukuthi abuyele ekhaya. Ngiyazi kukhona abantu abathi iminyaka yakhe isihambile, thina sisanethemba lokuthi usazoqhubeka aphile.”
Amaqembu ezepolitiki nawo afisele uButhelezi ukwelulama.
Okhulumela i-IFP, uMnuz Mkhuleko Hlengwa, ubonge umndeni kaButhelezi ngokwazisa isizwe ngokuqhubekayo.
“Njenge-IFP sithanda ukuhamba emazwini omndeni ekunxuseni ukuba uMntwana anikezwe isikhathi sokuthi alulame. Siyawethemba umndeni ukuthi uzoqhubeka nokusazisa ngokwenzakalayo. Sikhulekela ukuthi uMntwana abe ngcono futhi sesimagange ukugubha usuku lwakhe lokuzalwa.”
UNobhala we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Bheki Mtolo, unxuse isizwe ukuthi sinikeze umndeni wakwaButhelezi ithuba lokubhekana nalesi simo.
“Siyawubonga umndeni ngokuthi uzibophezele ekutheni uzosazisa ngokuqhubekayo. Lokhu kuzosiza ekutheni kunqande labo abasabalalisa izindaba ezingamampunge. Sithanda ukujoyina izigidi zabantu nezinhlangano ezifisela uButhelezi ukwelulama ngokushesha.”
UButhelezi ungeniswe esibhedlela ngesonto eledlule lapho ebeyolashwela izinhlungu eziseqolo.
Uke wangena esibhedlela naphambilini okubikwe ukuthi ukuhlolwa nje okujwayelekile. Kuphoqe ukuthi aphinde abuyiselwe esibhedlela ngenxa yokuthi akazange alulame ngokwanele.