UFUNA izimpendulo ngomsolwa umndeni womfundi okuthiwa ogwazwe ngomunye washona eMcabango High, eMadlankala, eMpangeni, ngoLwesithathu, kubangwa uR2.
Kulesi sigameko okushone kuso uSikhonangenkosi Mabuza (17), kuthiwa senzeke phakathi egcekeni lesikole ngesikhathi sekhefu.
Kuthiwa umufi, umsolwa nabanye abafundi, bebedlala amakhadi ngesikhathi umufi ewina uR2 kamsolwa.
Kuthiwa umsolwa uwufune ngodli uR2 wakhe, maqede wakhipha ummese wamgwaza emqaleni.
Umfowabo kamufi, ongusihlalo wesigungu esilawula isikole, uMnuz Thembelani Nsele, uthe banemibuzo engaphendulekile ngokushona kukamufi.
Emuva kwesigameko, uthe umufi uphuthunyiswe emtholampilo wendawo kodwa wangaluthola usizo oluphuthumayo abeludinga, wagcina eshonela khona.
“Sifuna aboshwe umsolwa ngoba ubalekile, akwaziwa ukuthi ukuphi. Sisathukile kanjalo nabafundi bathukile. Maduzane kuzoba nomhlangano wokuxoxa ngalesi simo.”
Uthe bathole ngemuva kwalesi sigameko ukuthi umsolwa wake waxoshwa phambilini, uthishanhloko owayekhona esikoleni ngo-2021.
Uthe bathole ukuthi umsolwa wabuye wabonakala esebuyile emagcekeni esikole.
“Uma sizwa kuthiwa wabuyiswa owayeyisekela likathishanhloko ngaleso sikhathi. Sifuna ukwazi ukuthi wambuyisa kanjani ngoba wayesexoshiwe?” kusho uNsele.
Uthe lokhu bakusho ngoba sekuyacaca manje ukuthi inkulu into axoshelwa yona ngoba umfundi akavele axoshwe ngobala esikoleni.
Ubuye wathi uma kubhekwa indlela yakhe yokuziphatha, ubevele engumfundi owuhlupho, eyisixhwanguxhwangu.
Uveze nokuthi kwenzeka lesi sigameko nje, zikhona izinhlelo abazenzayo beyisikole zokuqwashisa abafundi ngobugebengu, izikhali nokusetshenziswa kwezidakamizwa.
“Kulolu hlelo siye sicele amaphoyisa endawo neCommunity Policing Forum (CPF) ukuba bazokhuluma nazo izingane ngendlela efanele yokuziphatha,” kusho yena.
Ikhansela lendawo, uMnuz Vincent Dludla, lithe likhona ohlelweni lwesikole lokuqwashisa ngendlela yokuziphatha, lathi ngo-Agasti bebehambele kulesi sikole.
“Kusiphatha kabi lokhu ngoba siyazihambela izikole neCPF yomphakathi sihambe sexwayisa abafundi ngezikhali nezidakamizwa ngoba azibuyiseli futhi ziholela ekutheni ube necala ube usafunda,” kusho uDludla.
Uveze ukuthi ngalo usuku lwesigameko, umndeni kamsolwa ucele ukuthi awuphelezele bayohlanganisa amehlo nabomndeni kamufi.
“Ngabaluleka ukuthi basebenzisane namaphoyisa. Imimoya iphakeme emphakathini kodwa ngibanxusile ukuthi behlise umoya. Abanye bebethi akuvalwe isikole kodwa ngabanxusa ukuthi kwehliswe imimoya, kuhanjiswe izinto ngomthetho, hhayi ukuzithathela umthetho ngezandla,” kuchaza uDludla.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseSikhaleni aphenya icala lokubulala kulandela isigameko esenzeke ngoLwesithathu eMadlankala.
“Kuthiwa umfundi oneminyaka engu-17, ugwazwe omunye umfundi. Kuthiwa uphuthunyiswe emtholampilo wendawo okuyilapho agcine eshonela khona,” kusho uNetshiunda.
Silobe umnyango wezeMfundo esifundazweni ungakaphenduli ngalesi sehlakalo.