INGWADLA yokudlanga kwezigameko zokwesula kwamaphoyisa ophiko iSpecial Task Force eyosebenza ezinkampanini zonogada ezizimele, isilethe ukukhathazeka ebuholini bombutho iSouth African Police Service, KwaZulu-Natal.
Lokhu kuvele ezimpendulweni zikaKhomishana wamaPhoyisa kulesi sifundazwe, uGeneral Nhlanhla Mkhwanazi ekhuluma nabezindaba kwethulwa izimoto ezintsha zamaphoyisa eziteshini ezehlukene, emcimbini obuseThekwini ngoLwesithathu.
UMkhwanazi uthe nakuba kukhona ukuthi amaphoyisa alolu phiko alaxaza umsebenzi ayosebenzela lezi zinkampani ngenxa yokuthenjiswa imali ethe xaxa, kodwa kufanele kubhekisiswe ukuthi akukho yini ezinye izinhloso ezenza abanikazi bezinkampani bawanxenxe ekutheni asebenze kuzo.
“Kuyangikhathaza uma emaningi kangaka amalungu alolu phiko ayeke umsebenzi ayosebenza ezinkampanini ezizimele. Kwenza sizibuze umbuzo ukuthi ikuphi inhloso.
Izinkampani zonogada zinayo imali, siyavuma. Badonswa yiyona kodwa umbuzo uthi ngabe badonswa yiyona kuphela? Yingakho sesithe sicela basibhekele kahle laba abasebenza ophikweni lwezobunhloli, ukuthi kwenzakani, ekutheni umsebenzi nje abawutholayo noma mhlawumbe kukhona okunye abahambela khona”usho kanje.
UMkhwanazi uthe nakuba ukwesula kwamaphoyisa kudlange kulolu phiko oluqeqeshwa ngezinga lombutho wezempi, kodwa zikhona izikhalo ezifanayo nasophikweni iNational Intervention Unit.
Phambilini izinyunyana zamaphoyisa KwaZulu-Natal, iSouth African Police Union nePolice and Prisons Civil Rights Union, zikhale ngokufanayo zifuna uhulumeni akusukumele ukwesula isigubhukane kwamaphoyisa, zikhala ngokuthi kumele kubhekisiswe imihlomulo anikezwa yona.
Engqungqutheleni yokukhetha ubuholi bePopcru ngenyanga edlule, uNobhala-jikelele weSouth African Communist Party uMnuz Solly Mapaila, enkulumeni yakhe, wasola isenzo sabanikazi bezinkampani zonogada ezizimele njengemizamo yokuzinika amandla amakhulu kunohulumeni, okungabeka uMbuso engcupheni.
Mayelana nokushoda kwezinja emaphoyiseni, uMkhwanazi uthe sebexhumene nehhovisi likazwelonke elithembisile ukuthi kuzothinkuqala unyaka, kube nezinja ezingi eziqeqeshwayo, waveza ukuthi ukuqeqesha inja ekutheni isetshenziswe kulo mbutho kubhekwa izinto eziningo kubalwa nokuthi iphile kahle, okwenza kuthathe isikhathi ukuthola izinja ezifanele.