KUSALE imibuzo engaphenduleki kudutshulwa ubulawa abathathu eMpola, eMariannhill ngoLwesithathu.
Kwabadutshuliwe kukhona uMnuz General Phungula (57), umkakhe uNkk Thulisile Phungula (55) abadutshulwe abalisa abane abangaziwa, okuthiwa bafike behlome bephelele.
Kulo muzi kuphinde kwalimala nelinye ilungu lomndeni, elelashwa esibhedlela.
Esigamekweni esifanayo, abahlaseli kuthiwa babulale umakhelwane wakwaPhungula naye abamdubulile, uMnuz Sifiso Khomo (47) okuthiwa uyena obabone kuqala.
UKhomo kuthiwa udutshulwe emva kokuphuma eyobheka emnyango ukuthi izigi ezingapheli ezilokhu zihamba egcekeni lakhe ngezobani.
Kuthiwa unqwamane nabahlaseli egcekeni wababuza ukuthi bayokwenzani kwaPhungula.
“Kuthiwa ubasabise ngelithi uyabuya usayolanda into yakhe endlini. Kuthiwa ubuye ephethe ubhushu angabange esawusebenzisa njengoba kuthiwa bavele bamthela phansi ngenhlamvu,” kusho umthombo.
Umthombo uthe kwaPhungula abahlaseli bafike bafuna unkosikazi wakhona, okuthiwa ubesekamelweni.
“Kuvele umyeni wakhe emnyango, baqala ngaye bamdubula. Ngaleso sikhathi kudubuleke nelungu lomndeni elisesibhedlela. Babe sebedlulela ekamelweni, badubula unkosikazi ebebevele bemfuna,” kusho umthombo.
Kuthiwa kusinde abazukulu babafi abathathu abaneminyaka ephakathi kuk-8 no-13, okuthiwa kumanje bathukuswe endaweni ephephile.
Ngesikhathi Isolezwe lifika endaweni yesigameko, imindeni yomibili yale yaphetha ukuphawula.
KwaKhomo, bathe abafuni ukuphawula ngoba bazoze bakhulume izinto okungafanele bazikhulume.
KwaPhungula abaficwe izintatheli bathe abagunyaziwe ukuthi baphawule ngesigameko. Bebevale ngisho isango, bethi kuthiwe, abangavuleli muntu, ngisho ebebezokhalisa, bebejikiswa khona esangweni.
Bale baphetha ukukhipha inombolo yendodana yabafi, bathe ithe inombolo yayo ayinganikwa muntu.
Umthombo utshele Isolezwe ukuthi kunemali yefa ebangwayo kulo mndeni kodwa okungacaci ukuthi iyisima kanjani.
Isolezwe libuye lathola ukuthi abafi bebenebhizinisi lamatekisi, amanye awo abekhona epakwe egcekeni, amanye elokhu efika, abashayeli bawo bezobhonga emswaneni ngokudlula kobasi babo.
Okunye okudidayo ukuthi abafi bahlobene noMnuz Sihle Mtshare (27) okusolwa ukuthi wabulawa yiphoyisa elagcina lisula isigubhukane emva kokuyamaniswa necala, uMnuz Ayanda Ntombela, elalisebenza esiteshini samaphoyisa iMariannhill ngo-Agasti nonyaka.
UMtshare isidumbu sakhe satholakala sishuthekwe epayipini emva kwamasonto umndeni wakhe uqhinqe esangweni lesiteshi samaphoyisa, ufuna iphoyisa lichaze ukuthi lamshonisaphi njengoba ayengatholakali ekubeni wagcina ukubonwa nalo. Kuthiwa iphoyisa elisolwa ngokuthi lambulala lafika lazomlanda ekhaya labafi (kwaPhungula) ngo-Agasti 21, okuyikwamalume wakhe.
Olunye uhlangothi lomndeni wakhe, eDassenhoek, lwake lwaveza kwabezindaba ukuthi lusola ukuthi kunokuxhumana okukhona abangakuqondi phakathi kwabafi (abakwaPhungula) noNtombela.
Lwaze lwaveza ukuthi emva kokuthi uMtshare ethathwe uNtombela, abakwaPhungula abazange babazise ukuthi uthathwe yiphoyisa kwaze kwaba bayazibuzela ukuthi uphi bebona kuhamba izinsuku engabuyi eDassenhoek.
Eseshonile uMtshare, kuthiwa abakwaPhungula abazange bayovela eDassenhoek, futhi abazange bafike ngisho nasemngcwabeni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aseMariannhill anikele endaweni yesigameko ngesikhathi zasekuseni izolo lapho okudutshulwe khona kwabulawa abantu. Uthe abadubulile babalekile endaweni yesigameko.