IFUNA incazelo eqondile ehhovisi lemenenja kaMasipala waKwaDukuza inyunyana yezisebenzi, iSouth African Municipal Workers’ Union (Samwu), kulandela ukungaholelwa kwenqwaba yezisebenzi ngoLwesihlanu.
Elandisa Isolezwe uNobhala wale nyunyana KwaDukuza, uMnuz Nhlanhla Sanga, uthe zilinganiselwa ku-75% izisebenzi ezingaholanga njengoba bezilindele ngoLwesihlanu.
Uthe bathole ukuthi abantu abangathintekanga kulokhu amakhansela nalabo abasezikhundleni eziphezulu kumasipala.
“Bonke abanye okufaka phakathi abasebenza ngaphansi kophiko lwezezimali, abaqoqa udoti, nabanye abenza eminye imisebenzi yokuhanjiswa kwezidingo kubantu, abaholanga,” kusho uSanga.
Uthe bekunguMgqibelo ngesikhathi abanye beveza ukuthi isingenile imiholo yabo emabhange.
“Njengoba kuyimpelasonto, asikakabi naso isiqinisekiso sokuthi bagcine beholelwe bonke yini ebebengaholanga,” kusho uSanga.
Udalule ukuthi bake bezwa kancane imibiko engaqinsekisiwe emasontweni amabili edlule, eyayithi ayikho imali yokuholela abasebenzi.
“Zatshelwa izisebenzi ukuthi zingabe zisawagcwalisa amafomu okukhokhelwa imali yokusebenza isikhathi esengeziwe. Zaphinde zayalelwa ukuthi kuzomiswa okwesikhashana ukusebenza isikhathi esengeziwe ngoba imali yokuholela izisebenzi ayikho,” kusho uSanga.
Uqhube wathi kuthe sekwenzeka isehlakalo sangoLwesihlanu, babona ukuthi le mibiko ebebezwe ngayo emasontweni amabili edlule, ibiyiqiniso.
“Sifuna ukuthi kuleli sonto sicaciseleke kahle ukuthi kwenzekani,” kusho uSanga.
Uveze ukuthi emuva kokungaholi kwezisebenzi, ihhovisi lemenenja lalo mkhandlu lithe lokhu kudalwe yinkinga ngasohlangothini lwebhange.
“Lokhu abakushoyo asikukholwa. Uma uhambise yonke into ngohlelo, ayikho into engadala ukuthi ibhange lingayifaki imiholo yezisebenzi, imali ikhona,” usho kanje.
Uthe nakuba besebenzile abasebenzi kodwa bebengeneme, kwazise banemindeni abayondlayo futhi banama-debit order abelinde ukuthatha imali emabhange abo kodwa angafica lutho.
Okhulumela umasipala waKwaDukuza uMnuz Sifiso Zulu, uthe umphathi wezimali umtshele ukuthi kuphele usuku lwangoLwesihlanu zonke izisebenzi seziholile.
Uthe abanye bahola ngoFebhuwari 22.